I-CARLING Black Label Cup izovulela abadlali abafana noBongani “Ben 10” Zungu, Sipho Mbule nabanye abangakazinzi kwiMamelodi Sundowns, ithuba lokukhombisa abaqeqeshi beqembu ukuthi sebekulungele ukuqala imidlalo.
Lokhu kushiwo nguHlompho Kekana, owayengukaputeni weminyaka kwiSundowns, obekhuluma nabezindaba ngoLwesibili, eBryanston eGoli lapho bekuzokwethulwa khona ngokusemthethweni umqhudelwano ose-FNB Stadium, eSoweto ngoNovemba 12.
ISundowns iqhathwe naMaZulu, kwathi iKaizer Chiefs yatonyulwa nezimbangi zayo ezinkulu, i-Orlando Pirates ngokwamavoti abalandeli okuyibona abakhethe amaqembu womane.
UKekana ubona ingqayizivele yethuba kuZungu, Mbule nabanye abeqiwa yijezi kwiSundowns emidlalweni yeDStv Premiership nakweyeCaf Champions League.
UZungu ubuyele kwiSundowns ezinyangeni ezimbalwa, esuka eFrance kunelikhulu isasasa ngaye. Useke wadlala imizuzwana kodwa omunye wabaqeqeshi be’Downs, uRhulani Mokwena usanda kutshela abezindaba ukuthi akakagculiseki ngakubona kuyena.
Yisimo esifanayo nakuMbule ofike esuka kwiSuperSport, kade ebangwa ngamaqembu athathwa njengamakhulu.
UKekana ukholwa wukuthi kulo mqhudelwano, iSundowns izonikeza ithuba abadlali abangajwayele ukuthola ijezi, ukuze abaqeqeshi babahlole ukuthi ngabe sebekulungele yini ukuqala imidlalo.
“Bazophunyuzwa laba badlali abebedlala yonke imidlalo njengoba kuzoba neNdebe yoMhlaba. Futhi leli thuba likahle kubadlali abafana noZungu noMbule ukuthi baphakamise izandla zabo, ukuze babaqaphele abaqeqeshi,” kusho uKekana.
“Le yingqayizivele yethuba kubadlali abangakangeni khaxa esikimini, njengoZungu, Mbule, Gift Motupa nabanye ukuthi bakhombise ukuthi sebekulungele ukudlala yonke imidlalo.
“Ngibala nabafana abancane, njengoCassius (Mailula) oseqalile ukuziveza njengoba eshaye amagoli amathathu kwiChampions League.
“Kunzima ukuzifaka esikimini seSundowns, ngakho-ke ngiyabahlohla laba badlali ukuthi bangaliyeki leli thuba ngoba uma benze kahle (kwiBlack Label Cup), bazowuthola umvuzo njengoba iSundowns isalwa kwiDStv Premiership nakwiChampions League,” kusho uqweqwe oseluthe khumu ebholeni.
Yize uKekana ebona ithuba lokuboshelwa kwalaba badlali kodwa kuncike nakubalandeli bamaBrazilians ukuthi bona ngabe bayafuna yini ukubabona. Umthetho weCarling Cup uthi abalandeli yibona abazovotela izikimu.
Ukuvota kuvuleleke kuze kube wuNovemba 6. Abalandeli kumele bathenge iCarling Black Label bese beshaya u-*120*660* ulandelwe yinombolo esisivaweni no-# ukuze bakhethe iqembu elizodlala.
Uvumile ukuthi baphupha ngokuyinqoba le nkomishi ngoba bayaqala ukuthola ithuba lokuyidlalela.
“KwiSundowns siphila ngokufaka izindebe ekhabetheni, ngakho-ke siyayifuna nale ngoba siyaqala ukuthola ithuba lokuyidlalela.
“Konke kulele ekutheni sinqobe umdlalo wethu naMaZulu engingangabazi ukuthi uzoba nzima. Uma senze lokho siyobe sesiwuhhafulile umsebenzi wosuku,” kusho uKekana.