UMENGAMELI weSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordaan, ukhuze abezindaba baseNingizimu Afrika athi babhebhethekisa amahemuhemu ngamabhonasi ngesikhathi esibi lapho iBafana Bafana isuke imelwe ukunqoba imidlalo emqoka.
UJordaan obekhuluma nethimba labezindaba leSafa lapho iBafana ibiziqeqesha khona ngaphambi komdlalo wayo wanamuhla neLiberia, ufongqe isigqoko encenga laba abanamandla epeni ukuba bawuyeke lo mkhuba ngoba udida abadlali isidingo singekho.
IBafana imelwe ukunqoba imidlalo yayo emibili elandelayo neLiberia. Owokuqala unamuhla ngo-6 ntambama, e-Orlando Stadium. Olandelayo ungoLwesibili.
Uma elakuleli linqoba lizobe selizibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ese-Ivory Coast ngonyaka ozayo.
Maphakathi nesonto kusabalale amahlebezi abekhomba ukuthi iSafa ibathembise izindodla zemali abadlali beBafana inqobo nje uma bezoqeda endaweni yokuqala noma eyesibili ku-Group K okuqhwakele kuwona iMorocco okwamanje.
Ngokwenkulumo kaJordaan, njalo uma sekusondele izinsuku zemidlalo emqoka yeBafana, abezindaba bakuleli bajwayele ukusabalalisa izinto ezingekho ngamabhonasi okugcina kudida abadlali amakhanda kwesinye isikhathi.
“Indaba yemihlomulo akuyona into okungakhulunywa ngayo selusondele ngale ndlela usuku lomdlalo omqoka njengalo esizowudlala neLiberia,” uphendule kanje uJordaan enikwa ithuba lokucacisa ngamahlebezi amabhonasi azonikwa abadlali beBafana uma benika iSafa lokhu ekufuna kubona.
“Esikubheke kwiBafana ukuthi izibekisele indawo kwi-Afcon ngonyaka ozayo. Umhlomulo omkhulu wabadlali ukuthi bazi ukuthi babe nesandla ekufakeni iqembu labo lesizwe kwi-Afcon.
“Angazi ukuthi udalwa yini lo mkhuba wabezindaba wokuthanda ukukhuluma ngemali sekusele amahora ukuthi umdlalo uqale?
“ISafa ikhokhele abadlali beBanyana Banyana u-R10 million ngokufeza kwabo isithembiso abebesenzile kule nhlangano ngakho-ke angisiboni isidingo sokwenza sengathi indaba yemihlomulo into entsha.
“Ngaso sonke isikhathi iSafa iyasigcina isithembiso esuke isenze kubadlali ngakho-ke lokho kuzoqhubeka kodwa okungeke kwenzeke ukukhuluma ngemali umdlalo ususeduze ngale ndlela.
“Ngaphandle kokudunga imiqondo yabadlali, indaba yemihlomulo sekuseduze kanje ukuthi kudlalwe, kuyaphoxa ukubona izinto ezifana nalezi kwabezindaba.
“Ngiyazicelela ukuba bakhumbule ukuthi nabo eyabo iBafana ngakho-ke bangasivumeli lesi silingo sokukhuluma ngamabhonasi sekusondele imidlalo ngoba siyisiphazamiso kubadlali nabaqeqeshi.
“Asiwuyeke lo mkhuba wokwakha isithombe esingekho sokuthi akuvunyelwana ngamabhonasi. IBafana eyethu sonke,” kuphetha uJordaan.