IBAMBA lomqeqeshi kwiKaizer Chiefs, uCavin Johnson, likhuze izitobha zalo ngomkhuba wokuzixaka ngamaphasi kanokusho esikhundleni sokwenza okulula uma beliqala emuva ibhola.
UJohnson uthe lokhu kucishe kwabacekela phansi emdlalweni weDStv Premiership abagcine bewunqobe ngo 1-0 behlula iPolokwane City, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo.
IChiefs igxume yahlala endaweni yesithupha kwi-log kulandela iwini yengcwenga yegoli elishaywe uPule Mmodi esiwombeni sesibili.
Nakuba zibukeka zijika izinto kwiChiefs eze kulo mdlalo isuka kwiwini yeMoroka Swallows kodwa uJohnson uzwakalise ukuba nenkinga ngomkhuba wezitobha zakhe.
Emidlalweni emihlanu kusukela uJohnson ethathe lo msebenzi, kuMolefi Ntseki, ngo-Okthoba, usenqobe emithathu (Cape Town Spurs, Swallows nePolokwane) waguqiswa iLamontville Golden Arrows ne-Orlando Pirates kweminye emibili.
Yize kubukeka sengathi izinto zalo mqeqeshi obanjisiwe ziyahlangana kodwa utshele abezindaba ukuthi kuningi okusafanele bakwenze ukuze bafinyelele ezingeni abazibona libafanele.
“Ngabe angishayi khona uma ngithi akubonakali lapho siya khona kodwa okusobala ukuthi kunezifundo eziningi okusafanele sidlule kuzona ngaphambi kokufika esimweni lapho singazishaya isifuba, sithi konke sekulungile,” kusho uJohnson esithangamini nabezindaba ePeter Mokaba.
“Ngokwehluka kwemidlalo siya ngokuya siyafunda futhi siyakhula ngakho-ke akukubi kangako kodwa futhi siyazi ukuthi singenza kangcono kunalokhu esikwenzayo.”
Lo mqeqeshi oke wasebenza kuMaZulu FC, Platinum Stars nakwi-Al Ahly yase-Egypt njengephini, unenkinga eyodwa ngabadlali bakhe basemuva.
“Ngeke sikubalekele ukuthi siyiqembu elikholelwa ekuqaleni ibhola emuva kodwa lokhu akusho ukuthi kufanele sizibeke engcupheni noma isidingo singekho.
“Ngeke ngibadalule ngamagama kodwa abadlali bethu basemuva banomkhuba oyingozi wokukholelwa ekushayeni iphasi kanokusho noma isidingo singekho.
“IPolokwane icishe yasihlawulisa amahlandla amaningi ngenxa yalo mkhuba omubi futhi okungafanele siwujwayele,” kusho lo mqeqeshi.
USifiso Hlanti, Given Msimango, Edmilson Dove noReeve Frosler, yibona abadlali beChiefs abaqale lo mdlalo bevale emuva.
Unozinti waMakhosi, uBruce Bvuma, uke wavimba amabhola amabi, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala, isho ukubaqeda iPolokwane.
Umdlalo olandelayo waMakhosi weligi usekhaya neRichards Bay FC ngoDisemba 23. IPolokwane ebambe indawo ka-11, nayo iyoze idlale ngosuku olufanayo ivakashele iChippa United.