ISITOBHA seRoyal AM, uHappy Jele, sikubheke ngabomvu ukubhekana neqembu laso lakudala, i-Orlando Pirates, yize noma kungeke kube lula.
UJele (36) uzoba yisitha samaBhakabhaka okokuqala ngqa uma ezakhe, iThwihli Thwahla, zivakashela e-Orlando Stadium namuhla ngo-3 ntambama emdlalweni omqoka weDStv Premiership.
Waqala ukudlala ibhola elikhokhelayo neZimnyama ngo-2006, wahlala kuleli qembu kwaze kwaphela isizini ka-2021/22. Uphethe irekhodi lokudlala imidlalo eminingi kwiPirates njengoba adlala engaphezu kuka-400 kuleli qembu lase-Orlando waphinde waba ngukaputeni iminyaka ilandelana.
Ekupheleni kwesizini edlule kuvele ukuthi ezikaMagebhula aziyivuselelanga inkontileka yakhe njengoba bezibheke ukumgcina kodwa engaseyena umdlali. Nokho ligcine ligqabukile igoda phakathi kwakhe neqembu ngenxa yokuthi ubesazimisele ngokudlala
Uhlale ingxenye yokuqala yale sizini engenaqembu ngaphambi kokuthi ajoyine iThwihli Thwahla ngoFebhuwari, wadlala kuyona okokuqala ibhekene neStellenbosch FC koweligi ngenyanga edlule.
EzikaJohn Maduka zizongena kulo mdlalo zibheke ukubuyela endleleni ngemuva kokudliwa yiCape Town City ngo-2-1 ngempelasonto. Ngaleso sikhathi amaBhakabhaka awabambeki, ashaya kwasani olumi phambi kwawo.
“Lona wumdlalo omkhulu. Kusobala ukuthi sifuna ukuvuka njengeqembu ngoba emdlalweni odlule asenzanga kahle. Silahle amaphuzu ngakho kufanele sizimisele kakhulu kulo mdlalo wangoLwesithathu,” kusho uJele ethimbeni labezindaba leThwihli Thwahla.
“Kubaluleke kakhulu ukuthi senze kahle ngoba asikho endaweni enhle kwi-log. Kufanele sizikhandle ukuze sizibeke endaweni esiyifunayo. Ngizobe ngiqala ukudlala neqembu lami lakudala. Yebo, kuzoba nzima kodwa ngiwubheke ngabomvu umdlalo. Impilo iyaqhubeka, sengiyingxenye yenye inkampani manje futhi kumele ngisebenzele yona. Yilokho kuphela engingakusho.”
IThwihli Thwahla isendaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-27. UJele uthe akakaliphonsi ithawula ngokuqeda kwiTop 8 yize kunenqwaba yamaqembu alwela into efanayo.
AmaBhakabhaka asesempini yokuqeda endaweni yesibili okubonakala sengathi aseyibambe neSuperSport United kulandela ukudliwa kweKaizer Chiefs yiSwallows FC ngoMsombuluko.
Iqembu likaJose Riveiro selinqobe imidlalo eyisithupha ilandelana kwiligi. Kowokugcina liguqise iTS Galaxy ngo-2-1.
“Sisengangena kwiTop 8. Inhloso yethu wukudlala kwiMTN 8 ngesizini ezayo ukuze siyiqale ngegiya eliphezulu. Kufanele sifake wonke amandla kule midlalo emithathu esele ukuze sibuye namaphuzu agcwele.
“Siyabadinga bonke abalandeli bethu ngoba umdlalo olandelayo usemqoka kimina naseqenjini lonke. Sifuna ukwenza kahle.”
Ngesikhathi la maqembu edudulana koweligi eMoses Mabhida Stadium ngo-Agasti nyakenye, kwanqoba iPirates ngo-1-0 ngegoli likaDeon Hotto. Aphinde ahlangana kwi-quarterfinal yeMTN 8, kwadlula amaBhakabhaka ngo-2-1.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-3pm: Orlando Pirates v Royal AM (Orlando Stadium).
Ngo-5.15pm: Sekhukhune United v TS Galaxy (Peter Mokaba Stadium); Maritzburg United v Marumo Gallants (Harry Gwala Stadium).
Ngo-7.30pm: Cape Town City v Golden Arrows (DHL Cape Town Stadium); Richards Bay v Chippa United (King Zwelithini Stadium); AmaZulu v Mamelodi Sundowns (Princess Magogo Stadium).