OSEKUZUZWE ngumqeqeshi weManchester City, uPep Guadiola, kuze kube yimanje, kukhomba ukuthi le ngqwayingqwayi isaya kude kwezokucija amaqembu.
Lokhu kuvela obala ikakhulu uma kubhekwa iminyaka yakhe yobudala, uma iqhathaniswa nezingwevu zabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu.
UGuardiola (52), odabuka eSpain, usanda kuqopha umlando ngokuba ngumqeqeshi wokuqala weManchester City, ukunqobela iqembu isicoco se-Uefa Champions League.
Bese kuyisona kuphela isicoco esikhulu ebesidingwa yizingqungqulu zase-England, ukugcwalisa ubungqwele bazo ebholeni lase-Europe.
Umqeqeshi usezuze inqwaba yezicoco, okubalwa ezine zeSpanish La Liga neBarcelona, ezintathu zeGerman Bundesliga neBayern Munich, nezintathu ze-English Premier League neMan City.
Wacashunwa komunye wemithombo yezindaba ethi uzoshiya kwiMan City ngo-2025, okuwunyaka okuzophela ngawo inkontileka yakhe bese ebheka iqembu lesizwe angaliqeqesha.
“Ngingathanda ukuqeqesha kwi-European Championship, noma kwiCopa America, kumbe kwiWorld Cup (iNdebe yoMhlaba),” usho kanje ecashunwa yi-Football Espana.
UGauardiola usemdibi munye nabaqeqeshi asebenqobe iChampions League amahlandla amathathu, okubalwa kubona uBob Paisley (ongasekho) wase-England, noZinedine Zidane waseFrance.
UPaisley wanqoba iChampions League amahlandla amathathu neLiverpool ngo-1977, 1978 nango-1981, uZidane wayinqoba neReal Madrid ngo-2016, 2017, nango-2018.
Kanti uGuardiola uyinqobe amahlandla amabili neBarcelona ngo-2009 nango-2011, njengoba eseyinqoba neMan City ngo-2023.
Eqhulwini labaqeqeshi asebenqobe iChampions League kaningi, kuhleli ingwevu uCarlo Ancelotti wase-Italy, okunguyena kuphela osenqobe lesi sicoco amahlandla amane.
Uyinqobe amahlandla amabili ne-AC Milan ngo-2003, nango-2007, waphinda wayithatha neReal Madrid ngo-2014 nango-2022.
Ngokombiko weThe Guardian kuleli sonto, kuthiwa uGuardiola usamile ekutheni uzoshiya eManchester ngokuphela kwenkontileka yakhe.
Uma egcina ngokushiya kwiThe Citizens, uyobe eseqede iminyaka eyisishiyagalolunye eqenjini athathe izintambo ngesizini ka-2016/17.
Nokho, ngesizini ezayo ka-2023/24 kulindelwe lukhulu kuyena nezakhe ngokuvuleka kwewindi lokusayinisa abadlali ukuthi yiziphi izibabuli azozisayinisa ukuqinisa isikwati sakhe ukudla amanye amaqembu.