UMDLALI weKaizer Chiefs uReeve Frosler, uthemba ukuthi amaphuzu amathathu abawathole kwi-Orlando Pirates azogqugquzela benze kangcono nasemidlalweni ezayo kwiDStv Premiership.
IChiefs ithathe amaphuzu agcwele ihlula iPirates ngo 1-0 emdlalweni womkhaya baseSoweto eFNB Stadium ngeSonto ntambama.
Igoli lishaywe uSamir Nurkovic esiwombeni sesibili. IChiefs ibinqoba okokuqala ngemuva kwemidlalo emithathu iwukudla kweZimnyama.
“Besikudinga (ukunqoba) ukuze sivuselele imimoya yethu. Besingenzi kahle emidlalweni edlule. Ngithemba ukuthi lokhu kuzosikhuthaza sikwazi ukuqhubeka lapho esigcine khona,” kusho uFrosler kwiSuperSport obe ngumdlali ovelele wosuku.
IChiefs idonsa kanzima kule sizini njengoba ingabalwa nhlobo emaqenjini asembangweni wesicoco seligi. Kunalokho ilwela ukuthola indawo kwiTop 8. Amaphuzu amathathu ewathole kwiPirates ayibeke endaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu awu-23.
UGavin Hunt oqeqesha Amakhosi uthe amaphuzu amathathu abebafanele kulo mdlalo.
“Sibe namathuba angcono. Sibayekile,sabanikeza indawo yokulidlala ibhola ngoba yibona abanethalente elingcono lokwenza lokho. Kodwa sikwazile ukubavala ukuthi bashaye amagoli. Sibe nawo amathuba. uSamir ubengaphuma namathathu. Ngibatshelile abadlali ukuthi abalalele mina benze lokhu engibatshela khona. Ngiyabonga ngokulwa nokuzinikela kwabo,” kusho uHunt ngemuva komdlalo.
Uzakwabo kweZimnyama, uJosef Zinnbauer, akazange akwamukele ukwehlulwa. Amaphuzu amathathu abezobeka iPirates endaweni yesibili kwi-log. Njengamanje ibambe indawo yesine ngamaphuzu awu-35. Esicongweni kuhleli iMamelodi Sundowns ngamaphuzu awu-40 njengoba ibambane ngo 1-1 neBlack Leopards.
Endaweni yesibili kukhona iLamontville Golden Arrows ngawu-36 bese kuba iSuperSport United enamaphuzu alingana naweBucs.
“Ngiphoxeke kakhulu,” uyiqale kanje uZinnbauer inkulumo yakhe nabeSuperSport edonsa umoya.
“Besibheke amaphuzu amathathu. Abemakhulu amathuba okuwathola njengoba besiwulawula umdlalo kodwa senza iphutha elilodwa ekubeni sibazi ubungozi beChiefs namabhola amade nama-free namakhona. Asiwakhanga amathuba amaningi awuqekelele kodwa umdlalo besiwuphethe ngokwanele ukuthi singakwazi ukuthola amaphuzu amathathu. Yikhona nje lokhu okungicasulayo,” kusho uZinnbauer.
Njengoba kunekhefu leFifa, iPirates iyoze ibuyele enkundleni emidlalweni yeligi ngo-Ephreli 7 ivakashelwe iMaritzburg United e-Orlando Stadium.
IChiefs izoze idlale neStellenbosch FC eFNB Stadium ngo-Ephreli 6.