UMQEQESHI waMaZulu FC, uRomain Folz, ubona usemkhulu umsebenzi omhlalele ekubumbeni iqembu lifinyelele ezingeni alifunayo.
Usuthu lukhale ngaphansi kwi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 eThekwini ngempelasonto edlule. Bekuwumdlalo wamanqamu wokuqala kaFolz ojoyine leli qembu ngenyanga edlule. Nakuba esazama ukuhlanganisa isikimu azodla ngaso kodwa belikhona ithemba lokuwina indebe kubalandeli baMaZulu ngenxa yezinga labadlali abakhona kuleli qembu. Nokho konke kuphethe ngezinyembezi phambi kwezinkulungwane zabalandeli. Usuthu luguqe ngo-1-0 wegoli likaMonnapule Saleng, obekuyi-free kick edle unozinti, uVeli Mothwa, esiwombeni sokuqala.
"Ngishilo ngesonto lokuqala ngifikile lapha ukuthi kuzofanele sibeke konke obala, siqale phansi ezindaweni eziningi. Nakuba ifomu yethu kwiligi iyinhle selokhu ngifikile kodwa asiwinanga namuhla (ngoMgqibelo). Akulula ukwehlulwa kowamanqamu kodwa ibhola linjalo. Uma ufinyelela kowamanqamu, kufanele kubekhona owinayo nohlulwayo. Sizamile okusemandleni ukuwina kodwa akwenzekanga. Ngicabanga ukuthi kuseva kuMaZulu engifuna ukuwalethela impumelelo. Lokhu kwenzeke emasontweni amane ngifikile. Kuningi okufanele ngikwenze eqenjini ukulikhulisa libheke lapho engifuna libheke khona. Kuseva. Angicabangi ukuthi iPirates kade ingcono kunathi. Siyabuya," kusho uFolz.
Ukwehlulwa koSuthu kowamanqamu weMTN8 kusho ukuqhubeka kwendlala yezindebe kwabanye babadlali abangakaze bawine lutho selokhu baqala ukudlala ibhola esigabeni esikhokhelayo. Ngaphezu kwalokho kusho ukuphazamiseka kwephupho likamengameli weqembu, uSandile Zungu, ongakufihli ukuthi ufuna indebe njengoba Usuthu lubhiyozela iminyaka engu-90 lwasungulwa. Njengoba Usuthu luphume kowamanqamu, luhlomule ngoR800 000 okuyimali etholwa yiwona wonke amaqembu abedlala kwiMTN8. IPirates igoduke nesheke likaR8 million ngokunqoba.
NgoMgqibelo AmaZulu azothola ithuba lokwesula izinyembezi ngendebe, iCarling Black Label Cup, eFNB Stadium, eNasrec. Azovula neMamelodi Sundowns ngo-9.30 ekuseni. Emuva kwalokho kuzongena iKaizer Chiefs nePirates ngo-12 emini. Owamanqamu uzodlalwa ntambama.
"Kufanele sikususe emiqondweni yabadlali okwenzeke koweMTN8. Bayakwazi ukusuka kwesinye isivivinyo bangene kwesinye ngakho kuzoba buhlungu namuhla, kancane kusasa. Emuva kwalokho sizoqhubekela kwezinye izinto. Nakuba sizowuhlaziya umdlalo ukuze silungise. Kuningi okuzayo kule sizini," kusho uFolz.