INSEPHE eqophe umlando ebholeni laseNingizimu Afrika iyibamba emuva kwiJomo Cosmos neOrlando Pirates, uMark Fish, iveza okuthwalise kanzima obengukaputeni weBafana Bafana, uThulani Hlatshwayo, kweZimnyama ezimchithe emasontweni amabili adlule ingakapheli inkontileka yakhe.
Ekuqaleni kwalo nyanga iPirates imemezele ukuhlukana kwayo noHlatshwayo, obengukaputeni wayo wesibili kwazise nguye oqukule iMTN8 iyinqobe ngo-2021.
Eka-2021/2022 bekuyisizini yesibili kaHlatshwayo kwiPirates kodwa ubonakale emidlalweni engaphansi kwengu-10.
UFish, onqobe iCaf Champions League ngo-1995 nePrates ngaphambi kokuyodla iCaf Africa Cup of Nations ngo-1996, uthe kubukeka sengathi uHlatshwayo ube neshwa lokuphikwa yiqembu uqobo, kweZimnyama.
“Ibhola lishintsha kakhulu futhi ngesivinini kulezi zinsuku. Okunye okwenzekayo wukuthi usuke ezindaweni ezikuvumayo bese ufika kwenye lapho izinto zakho zingahlangani nhlobo khona,” kusho uFish exoxa emcimbini wokuqhatha amaqembu azodlala kwi-2022 Cosafa Cup ayinxusa layo.
Uqhube wathi: “Hhayi ngoba kunguwe obhedayo kodwa kube yisimo sokuthi uphikwa yindawo entsha okuyo. Siyathemba ukuthi lapho ezoya khona uzokwazi ukuvusa leya fomu esimazela yona.”
Yize esho kanje uFish kodwa kusadida ukuthi uHlatshwayo usengaphikwa yisimo ngale ndlela kwiPirates, kube kuyiqembu langakubo lapho ekhule khona.
Ngaphezu kwalokho, uke waba sezinhlakeni zePirates esemncane esuka kwiSenaoane Gunners, eSoweto.
Ibhola elikhokhelayo uHlatshwayo uliqala kwi-Ajax Cape Town ayishiye esengukaputeni wayo ngaphambi kokuya kwiBidvest Wits, nayo ayiholele emlandweni inqoba okokuqla isicoco seligi nezinye izicoco ngaphambi kokudayiswa.
IPirates usayine kuyo imbanga neMamelodi Sundowns enganaqembu emuva kokuphela kweWits.
IBafana uyihole idlala kwi-2019 Caf Africa Cup of Nations e-Egypt kodwa bangafika ezingeni lezikaFish zango-1996, bephuma kuma-quarter final.
KwiCosafa iBafana, uHlatshwayo angesenayo indawo kuyo, izovula neMozambiques kuzodlalwa eThekwini phakathi ngoJulayi 5-17.
Aqhathwe kanje amaqembu kwiCosafa:
Iqoqo A: Angola, Comoros, Seychelles, Botswana
Iqoqo B: Lesotho, Malawi, Mauritius, eSwatini
Imidlalo yama-quarterfinal yeCosafa Cup:
Madagascar v Namibia
Zambia v Iqembu elizonqoba kwiGroup A
South Africa v Mozambique
Senegal v Iqembu elizonqoba kwiGroup B.