Mamelodi Sundowns (2) 4
Orlando Pirates (0) 1
XOLILE MPISANE
IMamelodi Sundowns inwebe igebe esicongweni seBetway Premiership iqumba phansi i-Orlando Pirates ngo 4-1 eLoftus Versfeld, ePitoli, ngoMgqibelo ntambama.
ULucas Ribeiro ushayele amaSandawana amagoli amabili, amanye aqhamuka kuGrant Kekana noTeboho Mokoena. Elokubika leZimnyama lishaywe nguDeon Hotto.
Lo mdlalo ububhekwe ngabomvu ngenxa yokuthi lawa maqembu ahamba phambili embangweni wesicoco seligi njengamanje.
Okusheshe kwaqapheleka kuwona yisimo senkundla ebesingesihle, esiholele ekutheni abadlali bawo womabili amaqembu bashibilike uma bephethe ibhola.
Akwethusanga ukuthi igoli lokuqala liqhamuke ngebhola elide. UMarcello Allende uyifake ebhokisini i-freekick ngomzuzu ka-13,wathola uKekana, oyibeke phakathi ngekhanda.
Kwale kancane ukuthi ezikaMiguel Cardoso zithole elinye igoli ngekhona kaTeboho Mokoena ngomzuzu ka-19, kodwa-ke kulokhu ibhola ebelingqomfwe nguLucas Suarez liqonde ngqo kuSipho Chaine.
EzikaMagebhula zilahle ibhola zithi ziyahlasela ngomzuzu ka-27, lawela kuRibeiro, olithwale esuka engxenyeni yakhe yenkundla waze wayoshaya umgundatshani awuzwe ngendaba uChaine.
Iqembu likaRiveiro lisizwe uChaine ngomzuzu ka-44, evimba ishodi likaPeter Shalulile, kwathi uDeon Hotto washweba ithuba lokuqala leZimnyama sekuzoyiwa ekhefini, akha amabhilidi esebhokisini.
EzikaMagebhula zizamile ukuzibuyisela emdlalweni ngomzuzu ka-57 ngesikhathi ibhola elikhahlelwe uDeon Hotto lishayisa kuSuarez layonamathela enethini.
Kodwa kuphinde konakala kusadlule imizuzu emibili. Ibhola elide likaSuarez lithole u-Iqraam Rayners, walidlulisela kuRibeiro, ophinde washaya elinye ishodi elimdlule sengathi akekho uChaine epalini.
Isipikili sokugcina sokungcwaba iPirates sishayelelwe nguMokoena ngomzuzu ka-78, edonsa intambo engaphandle kwebhokisi, laphinde lamudla uChaine.
AmaBrazilian aseyishiya ngamaphuzu ayisishiyagalolunye iPirates njengoba esehlanganise angu-42 emidlalweni engu-15.
Ezimnyama zisasendaweni yesibili ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-14.
Komunye umdlalo weBetway Premiership obuseSeshego Stadium, eLimpopo, iMagesi FC izisuse emsileni we-log iguqisa iCape Town City ngo 2-0.
Amagoli eDikwena tsa Meetse ashaywe nguMcedi Vandala noLehlohonolo Mtshali ngokwehlukana kweziwombe.
IMagesi ikhuphukele endaweni ka-15 kwi-log ngamaphuzu angu-11 emidlalweni engu-16. ICitizens ikweyesikhombisa ngamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-17.