Ugixatshezwe ngesikhundla sokuqeqesha iqembu leLamontville Golden Arrows eliyibamba kwiHollywoodbets Regional League owayengumdlali wayo, u-Andile “Carrot” Fikizolo, osephanyeke amakhokho emgibeni.
UFikizolo (30), owakhulela enkulisa ye-Arrows, wazakhela igama ebholeni laseMzansi esedlalela iThanda Royal Zulu ngesikhathi eshaya amagoli amabili bebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Last 32 yeNedbank Cup eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay ngo-2014.
Emuva kwalokho wathathwa yiSuperSport United kodwa yagcina isimbolekisa kwi-Arrows amasizini ahlukene. Ngesikhathi ethathwa yiBloemfontein Celtic ngo-2019 kwakunethemba lokuthi uzofinyelela ezingeni elalibhekiwe kodwa kwagcina kungenzekanga, wagcina esejoyina iRoyal AM.
Emuva kwalokho kwaduma ukuthi usengene emculweni nosihlalo wayo, u-Andile Mpisane. UFikizolo ugcine ukubonakala enkundleni ngesizini edlule eyibamba kwiPolokwane City isagijima kwiMotsepe Foundation Championship.
Kuvele ukuthi abaphathi be-Arrows bamnikeze umsebenzi wokuqeqesha Abafana Bes’thende kwiRegional League eyayibizwa ngoSAB League eminyakeni edlule. UFikizolo ubhale ekhasini lakhe le-Facebook wathi: “Ikhasi elisha, umqeqeshi weGolden Arrows kwiSAB.”
Okhulumela i-Arrows, uComfort Thusi, ukuqinisekisile ukuthi uFikizolo usengumqeqeshi kuBafana Bes’thende.
“Sekunesikhashana eqalile. Mhlawumbe usenemidlalo emine noma emihlanu eqeqesha,” kusho uThusi.
UFikizolo wayeseqenjini le-Arrows elawina iligi yeDStv Diski Challenge ngo-2016 elalibophele abadlali okukhona kubona uRicardo Goss obolekiswe yiMamelodi Sundowns kwiSuperSport United, Nkosinathi “Bhodlela” Sibisi oseyibamba kwi-Orlando Pirates noNduduzo “Sulumane” Sibiya osengukaputeni waBafana Bes’thende nabanye.