UKUQALA impilo entsha nokubhekana nenselelo entsha yikhona okwenze isitobha, uTaariq Fielies, sikhethe ukusayina naMaZulu FC ngasekuqaleni kwesizini.
Lo mdlali ushiye iqembu abeselidlalele iminyaka eyisithupha, iCape Town City, wasayina inkontileka yeminyaka emibili noSuthu ngoSepthemba. Kunombandela wokuthi iqembu lingayelula ngomunye unyaka uma lifisa.
UFielies (31) ubethathwa njengezinye zezinsika zeCitizens nokwenza iningi limangale ngesikhathi elishiya leli qembu. U-Eric Tinkler obemqeqesha kwiCity, usanda kuphumela obala ethi ngokwakhe ubesamdinga lo mdlali kodwa iqembu belingeke likwazi ukumvimba uma ezicelela ukuthi adayiswe.
UFielies uthe akukho okuningi okwamxosha eKapa ngaphandle kokuthi yena uzikhethele ukuqala kabusha eThekwini.
“Ngicabanga ukuthi wonke umdlali webhola udinga izinselelo ezahlukene futhi uhlale efuna ukuzihlola emaqenjini ahlukene. Ngemuva kokuhlala amasizini amaningi eKapa, ngizizwe sengathi senginethezekile kakhulu. Bengidinga inselelo entsha futhi ngabona ukuthi AmaZulu yiqembu elizokwazi ukunginika lokhu engikufunayo,” uFielies uchaze kanje.
“Ngisenobudlelwano obuhle nomqeqeshi u-Eric. Akukho olubi olwenzeka, kuyiqiniso ukuthi ngacela ukuhamba kodwa njengoba sengishilo ngikwenze lokho ngenxa yezizathu eziqondene nami.
”AmaZulu yiqembu elikhulu, elinabadlali abasezingeni eliphezulu. Sinomqeqeshi okhaliphile futhi nakuba esanda kufika eqenjini ngiyayibona into azama ukuyenza. Ngicabanga ukuthi abadlali bayakholelwa ezimfundisweni zakhe. Imiphumela emihle esiyitholayo ikhombisa ukuthi abadlali sebeqala ukuqonda ukuthi umqeqeshi ufunani.”
UFielies udlale okokuqala oSuthwini lubambana nePolokwane City ngo 0-0 koweligi ngoSepthemba, waphinde waqala ludliwa yiMoroka Swallows ngo 2-1 enyangeni efanayo.
Uyena owashaya igoli eladlula ngalo ngesikhathi lunqoba iKaizer Chiefs ngo 1-0 kwi-Last 16 yeCarling Black Label Knockout ngenyanga edlule kodwa ngeshwa walimala kolandelayo weligi lubambana ngo 0-0 ne-Orlando Pirates, edonseka umsipha osesihluzwini.
Ukulimala kwakhe sekumenze waphuthelwa yimidlalo emithathu futhi uzobe engekho uma sebedlala neStellenbosch FC koweDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium namuhla ntambama. Nokho, akakalilahli ithemba ngowandulela owamanqamu eCarling Black Label neTS Galaxy ngoDisemba 3.
“Mayelana nokulimala kwami, ngiyalulama futhi ngiyethemba ukuthi ngizobuyela eqenjini maduze. Ngeneme ngendlela engiqale ngayo kuleli qembu, kube yishwa nje ukuthi ngilimale sengilitholile ijezi. Ithimba lodokotela lisebenza kanzima ukuze ngisheshe ngilulame, nami ngiyazikhandla ngoba ngifuna ukubuya ngisize iqembu,” usho kanje.
Lo mdlali uthe akanavalo ngokuthi izinto zingase zingamhambeli kahle kulesi sifundazwe njengoba eqala ukudlalela iqembu elingaphandle kwesaseWestern Cape, lapho azalelwa khona. Ngaphambi kokujoyina iCape Town City wayegijima kwelinye iqembu laseKapa, iMilano United.
Uthe kumsizile ukuphinde ahlangane no-Abbubaker Mobara, naye odabuka eKapa futhi adlalile naye kwiCity phambilini kodwa bonke ozakwabo basheshe bamenza azizwe esekhaya.
“Ngicabanga ukuthi ibhola liyisiko. Singehlukana ngokwenkolo nangezinye izindlela kodwa sonke sikhuluma ulimi lwebhola. Sonke siyezwana kahle, yingakho kube lula ukujwayela,” kusho yena.
“Angicabangi ukuthi ngingakwazi ukukhulumela wonke umuntu ngoba sonke asifani kodwa mina ngiyaqala ngqa ukuphuma eWestern Cape. Ngisakufunda okunye kodwa konke kusahamba kahle futhi ngisalindele okuhle. Kusobala ukuthi uma kunomuntu okhuluma ulimi olufana nolwakho kwenza izinto zibe lula kodwa ngizwana nawo wonke umuntu eqenjini,” kuphetha yena.