OWAYEYISIKHULU esiphezulu kwiBidvest Wits, uJose Ferreira, ukholwa wukuthi ukuhluleka kwamaqembu ukusayinisa abadlali abasezingeni eliphezulu kunomthelela ekutheni iPremier Soccer League (PSL) ingabi naye umdlali koweNdebe yoMhlaba ezoqala ngeSonto, eQatar.
Ekuqaleni kwesonto kuqinisekisiwe ukuthi akekho noyedwa umdlali wePSL ozodlala koweNdebe yoMhlaba emuva kokuthi iGhana ingamqokanga unozinti we-Orlando Pirates, uRichard Ofori, ubekuthenjelwe kuyena. U-Ofori obeseqenjini labawu-55 abebebiziwe, usale ngaphandle sekuqokwa abadlali abawu-26 abazomela iBlack Stars kulo mqhudelwano.
KwiNdebe yoMhlaba yango-2018, eRussia, uDaniel Akpeyi owayevimbela iChippa United ngaleso sikhathi, nguyena kuphela odlala kwiPSL owayekulo mqhudelwano.
Lokhu kuyibeka kabi iPSL kwazise ihlala izibala nenye yamaligi aphezulu e-Afrika.
"Ingxenye yokungabikhona komdlali wePSL koweNdebe yoMhlaba kudalwa yizinga eliphansi labadlali abangaphandle abalethwa ngamaqembu. Okuphambili wukuthi abadlali abaphezulu basezwenikazi i-Afrika baqoka ukuyodlala e-Europe kunokuza eNingizimu Afrika. Lokhu kuzoqhubeka kwenzeke. Eminyakeni engu-10, ezayo amaqembu ase-Afrika azoshaya ngabadlali abadlala e-Europe kuphela emaqenjini esizwe," kusho uFerreira.
Kumaligi anesibalo esiphezulu sabadlali abazodlala kwiNdebe yoMhlaba, namazwe okuzinze kuwona la maligi, akwazile ukuzibekisela indawo eQatar.
Lokhu kukhomba ukuthi naseMzansi kudingeka iBafana Bafana ukuthi idlale koweNdebe yoMhlaba ukuze iPSL izobalwa kumaligi ameleleke kangcono kulo mqhudelwano omkhulu emhlabeni. IBafana igcine ukuzibekisela indawo koweNdebe yoMhlaba ngo-2002. Kweka-2010 edlalelwe kuleli, iBafana idlale ngenxa yokuba ngosokhaya.
Kumaligi anabadlali abaningi koweNdebe yoMhlaba, i-English Premier League (EPL) ihamba phambili ngabangu-136. Amanye yiLa Liga yaseSpain (83) neBundesliga yaseGermany (76). ISerie A yase-Italy imelwe ngabadlali abangu-68 yize iqembu lesizwe lakhona lingekho eQatar.
"Izinga leligi yethu lehlile kakhulu ikakhulukazi ngemuva kweCovid-19 esikhahlameze kakhulu. Kodwa ngiyakholelwa ekutheni ikusasa likhona. Isazobuyela ezingeni layo. Kodwa ukwehla kweligi akusona (kuphela) isizathu esenza singabi naye umdlali koweNdebe yoMhlaba," kusho uFerreira.