IMIDLALO emithathu kweminye yakamuva yaMaZulu FC kusuka ehoxise uRomain Folz, kwesokuhola ithimba labaqeqeshi, ifakazela ukuthi kwakuvele kuyisinqumo engaphusile ukumgixabeza ngenkontileka yeminyaka emithathu ngoFebhuwari.
Njengamanje, uFolz uqedela inkontileka yakhe ephela kanye nesizini ngoJuni 30, njengomeluleki wezamaqhinga kumengameli weqembu.
Uzoyiqala ngoJulayi 1 inkontileka entsha ayisayinde ngoFebhuwari, nonyaka, nokwethusa abantu abaningi ngenxa yerekhodi lakhe kulo mkhakha elingabambeki, e-Afrika.
Ekuqaleni kuka-Ephreli, uFolz uxoshwe okwesibili kule sizini njengenhloko yabaqeqeshi kwazise ngoSepthemba, ubechithwe yiMarumo Gallants aqale nayo isizni. Ngaphambi kwalokho, wayekade ekwiTownship Rollers yaseBotswana, nakhona angabanga nesikhathi eside, wakhonjwa indlela.
Ekushenxisweni kukaFolz, AmaZulu anike obeyiphini lakhe u-Ayanda Dlamini amatomu okubamba njengomqeqeshi kuze kusongwe isizini.
UDlamini ukhuphule uSiboniso Vilakazi njengephini lakhe kanti ngaphansi kwabo, AmaZulu asebuye namaphuzu amahlanu emidlalweni emine.
Emuva kokubambana neCape Town City eKapa, ahlulwe yiSuperSport United, aguqisa iSekhukhune United ngaphambi kokudlala omunye kuba ngu-2-2 neMamelodi Sundowns.
Ithimba likaDlamini, okungokwesibili ebamba njengomqeqeshi woSuthu, lisalelwe yimidlalo emibili ngaphambi kokusonga isizini.
Lizobhekana neLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo, bese lisonga isizini ne-Orlando Pirates, eThekwini.
Amaphuzu agcwele kule midlalo azobeka Usuthu emaphuzwini angu-39 nokubukeka kwanele ukuqeda kwiTop 8 kwazise kuyimanje ngunombolo-5 ophethe la maphuzu.
Okunye okungenziwa ngamaphuzu amathathu, ngukucubuzela nakakhulu uDlamini nethimba lakhe ekugcinweni ebhentshini, ngisho ngabe liyaqiniswa ithimba labaqeqeshi.
Akufihliwe ukuthi AmaZulu ashaya indesheni kwiSundowns ngoManqoba Mngqithi, ngonyaka owedlule oshenxiselwe esikhundleni esingajwayelekile, seSenior Coach, eChloorkop.
Okumqoka kuDlamini nethimba lakhe ngomdlalo olandelayo ne-Arrows, wukuphendula amatafula ngokwemidlalo yomkhaya.
Kuzokhumbuleka ukuthi kule sizini, AmaZulu anomkhaya abane (Arrows, Richards Bay FC, Royal AM neMaritzburg United) kodwa awakaze anqobe nakowodwa wale midlalo.
I-Arrows yiyo eselokhu yaba zimbangi ezinkulu zoSuthu esifundazweni.