USALE nenhliziyo ebuhlungu uCavin Johnson, obebanjiswe isikhundla sokuqeqesha kwiKaizer Chiefs kuze kuphele isizini kulandela ukuqopha umlando omubi kwaleli qembu laseNaturena ngaphansi kwesandla sakhe.
UJohnson ube umqeqeshi wokuqala emlandweni weChiefs ukushaywa yiqembu eselivele lidliwe izembe ngesikhathi evala isizini yeDStv Premiership ngenduku ka 2-0 weCape Town Spurs ngoMgqibelo, e-DHL Stadium eKapa.
Ngaphandle kwalokhu kuphoxeka okwenzeke ngaphansi kwesandla salo mqeqeshi obanjiswe kulandela ukuxoshwa kukaMolefi Ntseki, ngo-Okthoba nyakenye, Amakhosi azoyizwa ngendaba i-MTN 8 ngesizini ezayo.
Aqede isizini yeDStv Premiership ehleli kunombolo-10 ngamaphuzu awu-36.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva komdlalo, uJohnson uthinte okuningi akuchaze njengokuphazamise iChiefs ngaphansi kobuholi bakhe kodwa obekusobala kuyena ukuphoxeka kokuqeda isizini ngenothi eliphansi.
Kusukela kuqale isizini iChiefs inenkinga yokushaya amagoli okufakazelwa ukuthi emidlalweni engu-30 leli qembu lishaye amagoli angu-25 okuyihlazo uma uqhathanisa nawompetha beligi iMamelodi Sundowns eshaye awu-52.
“Kubuhlungu futhi kunzima ukwamukela ukuthi iqembu elikhulu kangaka (iChiefs) liqopha amarekhodi angemahle kanjena ngaphansi kwesandla sami,” kusho uJohnson.
“Kufanele sisheshe samukele okwenzekile nezifundo zakhona bese sizisebenzisa ngokushesha ngoba isizini entsha iyaqala emasontweni ayisithupha kumbe isikhombisa ezayo okuzitolika ngokuthi asikho isikhathi sokuzikhotha amanxeba.
“Kusemqoka ukuthi iChiefs izinuke amakhwapha kuzona zonke izinhlaka kusukela kubadlali kuya ethimbeni labaqeqeshi ngoba kusobala ukuthi kukhona okufanele kwenziwe,” kuqhuba uJohnson.
Lo mqeqeshi okungacaci noma uzobuyela ekubeni inhloko yezinkulisa zeChiefs, akazange aphumele obala ngesikhathi ebuzwa ngokuzokwenzeka ngekusasa lakhe kodwa waqoma ukugxila emdlalweni.
“Angazi ngekusasa lami. Engikwaziyo ukuthi nakulo mdlalo siyeke amathuba okuyinto ngempela engingaqondi ukuthi yenzeka kanjani.
“Kwale noma sesishintsha ngisho indlela yokudlala esiyijwayele esiwombeni sesibili, kwanhlanga zimuka nomoya.
“Akukho okutheni esingakwenza ngaphandle kokwamukela isimo esikusona bese sibongela iqembu eliwinile yize ngiphoxekile.”
IChiefs yagcina ukuqukula isicoco ngo-2014/2015 idla iligi neMTN8 ngaphansi kobuholi bukaStuart Baxter.