UMQEQESHI weqembu lesizwe laseSenegal, u-Aliou Cisse, ukwamukele ukuthi usemkhulu umsebenzi obahlalele ukuze bavale igebe phakathi kwabo namazwe ahlonishwayo emhlabeni njenge-England, ebakhiphe kwi-Last 16 yoweNdebe yoMhlaba ngeSonto e-Al-Bayt Stadium, eQatar.
ISenegal okuyiyona ebithwelwe ngeqoma ukuthi izokwenza kangcono kunawo wonke amazwe ase-Afrika eQatar, iwashiswe ijezi i-England ngo-3-0, ngamagoli kaJordan Henderson, Harry Kane noBukayo Saka.
Ngemuva komdlalo, uCisse ukwamukele ukuthi bakwenze konke abebengakwenza kwacaca ububanzi begebe elikhona phakathi kwabo neqembu lesizwe lase-England.
“Imizuzu yokuqala engu-30, siyidlale kahle sazama nokwakha amathuba amagoli kodwa ngebhadi asizange siwasebenzise,” kusho uCisse ngemuva komdlalo esithangamini nabezindaba ecashunwa yi-Sky Sports.
“Okuhlale obala ukuthi besibhekene neqembu lesizwe lase-England elihlangene futhi ebelinawo wonke amathuluzi okudlulela esigabeni esilandelayo soweNdebe yoMhlaba,” kuqhuba lo mqeqeshi oqophe umlando ngokufaka iSenegal kwi-Last 16 ekubeni kunguyena owayegcine ukungena nayo esigabeni esifanayo eminyakeni engu-20 edlule esengukaputeni.
NgokukaCisse, kuningi okucacisile emdlalweni ngokusafanele basebenze kukona ukuze bezosondela ekubalweni namazwe angaba sembangweni weNdebe yoMhlaba.
“Akukona ukuthi udlala kanjani kuphela okukuhlomulisayo emiqhudelwaneni efana neNdebe yoMhlaba, kepha kuningi futhi kuhlukene. I-England isihlule ngokuningi kwalokhu kangangokuba nasezikhwepheni iyona futhi ebingcono kunathi.
“Iqiniso elingeke laphikiswa ukuthi asizange sidlale ngendlela esaziyo ukuthi singadlala ngayo kanti besishoda ngabadlali abamqoka.
“Sisebenze iminyaka eminingi ukuqinisekisa ukuthi siyiqembu elingcono e-Afrika, saphumelela kodwa kulo mdlalo besibhekene neqembu elikleliswe kwawokuqala amahlanu aphambili emhlabeni.
“Ngicabanga ukuthi umehluko negebe okufanele silivale lihlale obala.
“Angifuni lokhu kubukeke sengathi ngicasha ngakho kodwa kunabadlali abamqoka (ngaphandle kukaSadio Mane), abebengekho ngezizathu ezahlukene engicabanga ukuthi kukhona okungcono abebezosinika khona ukube bebekhona,” kusho uCisse sakubalisa.
Inkakha yaleli qembu elazi lonke ibhola lase-England, uCheikhou Kouyate, nenjini edlalela i-Everton, u-Idrissa Gana Gueye, bebengekho ngenxa yokulimala nesigwebo samakhadi ngokwahlukana.