UFUNA kubambe ezikhona umqeqeshi waMaZulu, uPablo Franco Martin, oveze ukuthi bahlulekile ukuthola bonke abadlali abebadinga bokuqinisa iqembu.
Usuthu lubuye kabi ekhefini ngesikhathi luqunjwa phansi yiqembu elisemsileni kwi-log, iCape Town Spurs, ngo 3-1 koweDStv Premiership ngempelasonto edlule.
Emdlalweni kuyiwe ekhefini zibambene ngo 1-1. ISpurs ihambe phambili ngegoli likaChumani Butsaka, u-Abbubaker Mobara washayela ezikaFranco Martin elokulinganisa.
Iqembu lasekhaya liwathathe womathathu amaphuzu ngamagoli amabili avalelwe ngu-Ashley Cupido esiwombeni sesibili.
Usuthu luziqinise ngabadlali ababili ngewindi likaJanuwari lokuhwebelana ngabadlali. Lubolekwe yiMamelodi Sundowns isitobha, uSifiso Ngobeni, lwabuyisa umgadli u-Augustine Mulenga.
UNgobeni ubezovala isikhala sikaSibusiso Mabiliso osanda kudedelwa kanti uMulenga kubhekwe ukuthi abuyise ifomu yakhe eyabonakala ngesikhathi edlalela Usuthu okokuqala kusukela ngo-2020 kuya ku-2022.
“Kufanele sicabangisise ukuthi singobani futhi yikuphi esinakho. Esikwenze emzuliswaneni wokuqala wesizini kufana nomlingo ngoba sisebenze kanzima. Wonke umuntu kudingeke enze okungaphezu kwamandla ukuze siqhudelane namaqembu ahamba phambili kule ligi,” usho kanje umqeqeshi.
“Iqiniso wukuthi ngewindi likaJanuwari asikwazanga ukusayinisa bonke abadlali ebesibadinga, ukuze sithathe igxathu eliya phambili, sinyukele kwelinye izinga. Sizoqhubeka sisebenzele phezu kwalokhu esinakho futhi sizozama ukuthuthukisa abadlali bethu.”
Kuyiwe ekhefini AmaZulu enganqotshwanga emidlalweni yeligi emithathu ilandelana. Kuyona lushaye iSekhukhune United ngo 1-0 neRoyal AM ngo 3-0, lwabambana ngo 1-1 neCape Town Spurs.
UFranco Martin uthe abayanga emdlalweni wangoMgqibelo beyithatha kancane iSpurs, ebisanqobe umdlalo owodwa kwengu-16 kodwa kukhona okuphazamise umgqigqo wabo.
“Kuyiqiniso ukuthi ikhefu lifike ngesikhathi sisesimeni esihle kodwa njengoba sesibuyile nginomuzwa wokuthi asikakafiki kulelo zinga engifuna AmaZulu abe kulona,” uqhube kanje.
“Asikwazanga ukuqondisa kahle ngesikhathi sibhekene nepali, okuyinkinga ebesibhekene nayo selokhu iqalile isizini. Okukhathaze kakhulu wukuthi sihlulekile ukuvala kahle nasemuva ngoba besiqinile kuleyo ndawo.”
Usuthu lusendaweni ka-10 kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-17.
Umdlalo walo olandelayo kuzoba ngoweLast 16 yeNedbank Cup lapho luzogadulisana khona nabakhaya iRoyal AM eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesine ngo-7 ebusuku.