UGONYULUKA ngobuhlungu nokuhlukumezeka emqondweni abuzwe ngemva kokushonelwa unkosikazi.
ULebohang "Cheeseboy " Mokoena, owazakhela udumo kwi-Orlando Pirates, nakwiMamelodi Sundowns,
UMasentle, unkosikazi kaMokoena, udlule emhlabeni ngonyaka odlule ngesikhathi eteta ingane yabo yesine. Bobabili babusiswe ngezingane ezine ngoSentle, Chantelle, Shaun noSheba.
ULebohang, ongumakadebona kwezikanobhutshuzwayo, ubeseqenjini lezinkakha zePirates ebezidlala nezeKaizer Chiefs kowobungani ngempelasonto. Bekuvulwa ngokusemthethweni inkundla yezemidlalo eqanjwe ngoSiyabonga “Nsimbi” Sangweni, owayengumdlali weZimnyama.
Lo mcimbi ubungempelasonto, eDondotha, eMpangeni.
UMokoena (37) owagcina ukubonakala kwiMoroka Swallows maphakathi nesizini ka-2022/23, utshele Isolezwe ukuthi kumhlukumeze kakhulu ukushona kukankosikazi wakhe. Uthe kuze kwamphoqa ukuthi athi khumu ukudlala ibhola ukuze akwazi ukunakekela izingane zabo ezine.
"Kungishaye kakhulu emqondweni nasemzimbeni ukudlula kukankosikazi wami. Bese sithandane iminyaka engaphezu kuka-14. Ubewubambo lwami, besithandana ngendlela eyisimanga. Ubeyikho konke kimina. Ungifundise okuningi mayelana nokuba yindoda yomndeni," kubeka uMokoena odabuka eDiepkloof, eSoweto.
Uqhube wathi okubuhlungu ukuthi umshophi wokushonelwa unkosikazi umehlele engenamsebenzi. Uthe nakuba kubuhlungu kodwa kuyamphoqa ukuthi aqhubeke nempilo.
Yize iminyaka ibukeka isimshiyile uMokoena kodwa ugcizelele ukuthi akakawagaxi amakhokho emgibeni.
UCheeseboy uphawule kanje:"Ngisenalo ithemba lokuthola iqembu kwiDStv Premiership noma kwiNFD (Motsepe Foundation Championship). Ngiyakhumbula ukuba senkundleni. Ngesikhathi ngiseBloemfontein, ngidlalela izinkakha iBloemfontein Celtic, abantu bakhona bebengibuza ukuthi angiqhubeki ngani nokudlala ngoba umzimba wami usaphila nekhono lisekhona.“
UMokoena odlale nakwiCape Town Spurs, uqhube wathi: "Ngicela ningitshelele amaqembu ePSL (Premier Soccer League) ukuthi uCheeseboy usekhona. Angikakawagaxi amakhokho emgibeni. Ngibuye ngigqugquzelwe ukubona ontanga yami, uBernard Parker noVuyo Mere besadlala kwiTS Galaxy. Nginethemba lokuthi likhona ithuba elizoqhamuka.“
UMokoena owadlala kuwo wonke amaqembu esizwe, uveze ukuthi njengamanje uqeqesha kwesinye isikole. Nakuba engathandanga ukwanda, uveze nokuthi uzama ukuvula ibhizinisi azophila ngalo uma kwenzeka izinto zingamlungeli ebholeni.
Ngesikhathi uMokoena ehlukana neSwallows, wacashunwa ethi wavele watshelwa ukuthi angabe esalubeka ejimini. Wathi akatshelwanga ukuthi wenzeni.
Ebuzwa ngalokhu, uthe: "Izinto azingihambelanga kahle kwiSwallows. Indlela engahlukana ngayo nayo ayibanga nobulungiswa. Impilo injalo-ke."
Ngesizini ka-2013/14 nakweka-2015/16 wanqoba neSundowns izicoco zeligi.