ULERATO Chabangu, owayengumdlali weMamelodi Sundowns, ubalisa ngokuphenduka inhlekisa ngenxa yokulahlekelwa yikho konke abenakho empilweni.
UChabangu ubekhuluma ohlelweni lweYoutube, iPrime Sport with Mahlatsi lapho egonyuluke khona ngenhlupheko abhekene nayo kusukela ayeka ukudlala ibhola. Lesi sikhwishikhwishi esidlale nakwiBafana Bafana, sizakhele igama kwiSundowns, sadlulela kwiSuperSport United nakwiMoroka Swallows. UChabangu ubesesikwatini seBafana Bafana esidlale umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2013. Unyamalale kwiDStv Premiership ngo-2016 sesiyibamba kwiChippa United.
UChabangu udalule ukuthi akasenalutho futhi udonsa kanzima empilweni.
“Kuningi okungilahlekele ebengikwethembise umama. Ngamthengela indlu, manje ayisekho. Ngilahlekelwe yikho konke. Anginawo ngisho amakhokho manje. Anginazo izimpahla ezingakukhumbuza. Nginezindebe kuphela. Ngakho ngilahlekelwe. Abantu bengangehlulela. Okunye, anginayo imali engenayo kodwa ngiyazama. Umama akanalo ikhaya, umfowethu akaziwa ukuthi ukuphi. Ngingasho ukuthi ngihlala endlini yomndeni. Izingane zami angizazi ukuthi zikuphi. Kubuhlungu,” kusho uChabangu.
Izinkinga zikaChabangu, okwakubikwa ukuthi unenkinga yophuzo oludakayo, ziyaziwa eMzansi. Baningi abaqeqeshi abazamile ukumbuyisela endleleni okukhona kubona uGordon Igesund owamqoqa emuva kokuthola umsebenzi wokuqeqesha iSwallows ngo-2011. Lokhu kwenzeke emuva kokuthi uChabangu exoshwe yiSundowns ngo-2010.
“Uma usujwayele ukuthola imali engenayo, uma ingasekho kunzima. Umndeni ububheke ukuthi ngizosiza endlini kodwa manje uma ufika kulesi simo sokuthi ayikho imali engako engenayo oyilindele, uyaphoxeka. Igama lakwaChabangu beliphezulu, manje sengiyinhlekisa,” kubalisa uChabangu.
“Ngilahlekelwe okuningi. Sonke siyabhekana nezimo kodwa kufanele sikubonge ukuthi impilo isaqhubeka. Ungabi yijaji. Indoda ingawa namhlanje, kusasa iphinde ivuke. Ngiyabonga kwabanye abantu abangesekayo ukuze ngithole engizokufaka esiswini. Ngiyakubonga lokho.”