INGWEVU kanobhutshuzwayo kuleli edlale iminyaka eRussia, uBennet Mnguni, ibona ukuthi ibhola elidlalwa nguThabo Cele, osejoyine iFakel Voronezh, lizomphendula intandokazi kubalandeli bebhola bakuleliya lizwe.
Kuphele ukuqagela ngekusasa lalo mdlali ngesikhathi iFakel imemezela ukuthi, uCele oyibamba esiswini, uzobe egijima kubona kule sizini.
UCele (26) ushiye iRadomiak Radom yasePoland, phezu kokuba ubesalelwe wunyaka kuyo.
Leli qembu belikuvezile phambilini ukuthi ngeke lime indleleni yakhe uma kukhona iqembu elibeka into ephathekayo etafuleni.
I-Kaizer Chiefs obekuvele ukuthi liyamfuna lo mdlali njengoba bese liyibekile inkontilela elizimisele ngokumnikeza yona.
Kodwa njengoba Isolezwe like labika, umdlali wubekuvezile kubaphathi bakhe ukuthi yena usazimisele ngokuqhubeka nokudlala phesheya kwezilwandle uma kukhona iqembu elinye elimdingayo.
Kuvela ukuthi ubefunwa nayiqembu lase-Italy. Kuvele nele-St Louis SC yase-USA elicijwa nguBradley Carnell ne-AS FAR Rabat yaseMorocco. Kuleli bekuvela negama laMaZulu neSekhukhune United.
I-Fakel ingene kwiRussian Premier League ngesizini ka-2021/22. Isendaweni yokugcina kwi-log, isashaywe yonke imidlalo emine esiyidlalile.
UMnguni owasuka kwiMamelodi Sundowns ngo-2002 wayojoyina iLokomotiv Moscow yaseRussia, uthe uyayazi iFakel, iyiqembu elidala laseVoronezh, ayichaze njengendawo enabantu abanothando.
Uthe esadlala eRussia, iFakel beyidlala esigabeni esiphansi. Uthe uyayazi, idlala ibhola eliya phambili.
"Ngiyambongela uCele, usayine eqenjini elidlala ibhola lakhe lokuya phambili. Njengaye uCele, alibanjezelwa ibhola kwiFakel. Engingamyala ngakho nje wukuthi abhukule, inzima leya ligi. Ngingayifanisa neBundesliga yaseGermany. Akudlalwa ibhola kodwa kuyaliwa. Kuzomele enze isiqiniseko sokuthi uyamenelisa umqeqeshi wakhe,“ kusho uMnguni.
Uthe uyajabula ukuthi yena uJaphet Zwane, Jacob Lekgetho (ongasekho), MacBerth Sibaya, Mathew Booth nabanye bayivulile indlela eRussia.
"UCele ungomunye wabadlali engibahloniphayo. Ungamfaka yonke indawo afike enze izimanga. Angingabazi ukuthi uma eke wangena egiyeni uzophenduka intandokazi kubalandeli bebhola eRussia.
“Engikuthanda ngabo wukuthi abawona amaxoki. Uma bekuthanda uyazibonela. Kanjalo uma bengakufuni bayakutshela. Kuhle impela njengoba iqembu lakhe lisekugcineni kwi-log.
Yithuba lakhe lokuzakhela uthando kubalandeli balo, ngokuthi alisize ukunqoba imidlalo," kubeka uMnguni osuke kwiLokomotiv wajoyina iRostov ayishiye ngo-2005 waya kwiTianjin Jinmen Tiger yaseChina.
UMnguni ukholwa wukuthi njengoba uCele esedlale emazweni amaningi, ePoland nePortugal akaboni ukuthi amakhaza aseRussia azomthikameza. Ukhale ngokuthi iChiefs iphunyukwe wufishi omkhulu.
"I-Chiefs iphunyukwe wumdlali wezinga eliphezulu. Ubezofika noshintsho olukhulu. Angimboni kwiChiefs umdlali ofana noCele. Nakuba kunjalo sibe sihle isinqumo salo mfana sokuhlala e-Europe.
Uma ezibambe zaqina angazithola esedlala kumaligi amakhulu emhlabeni. Iligi yaseRussia ingenye ephakela umhlaba ngabadlali bezinga eliphezulu," kuqhuba uMnguni oyeke ibhola ngo-2009 ngemuva kokuhlukana neHantharwady United yaseBago, eMyanmar.