UWUVULILE umnyango kubadlali abafikayo abazinikele ekusebenzeni ngokuzikhandla nokuzinikela umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ezakhe ezishayela phezulu ngenxa yemiphumela emihle.
ISundowns ivule igebe lamaphuzu ayisishiyagalolunye esicongweni se-log yeBetway Premiership ngokubhaxabula i-Orlando Pirates ngo 4-1 ngoMgqibelo, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Phakathi kwabadlali abasha abajoyine iSundowns kule sizini, kubalwa abagadli ababili u-Iqraam Rayners osuka kwiStellenbosch FC no-Arthur Sales waseBrazil osuka kwiLommel SK yaseBelgium. Abanye nguJayden Adams odlala esiswini osuka kwiStellenbosch nesitobha saseBrazil uLucas Suarez osuka kwi-CA Talleres yase-Argentina.
“Uma umdlali efika efica abadlali beqophelo eliphezulu, kufanele asebenze usuku nosuku, asikhombise siyithimba labaqeqeshi ukuthi kumfanele ukuba sesikimini seqembu. Uma enza njalo, nakanjani uzonikwa ithuba adlale njengoba kwenza uLucas (Suarez), no-Arthur (Sales) nabanye abafikayo,” kusho uCardoso.
“Ukuzinikela nokuhlonipha imithetho nemigomo yeqembu yikhona okuhamba phambili kumdlali, bese udumo nokunye kuyalandela.
Ngakho-ke umdlali onginika le nto engiyifunayo (ejimini), anginaso isizathu sokungambopheli esikimini. Kodwa kufanele angikhombise ukuthi kungani kufanele ngimnike ithuba.”
Yize uRayners efike ngaphambi kokufika kukaCardoso, ojoyine iSundowns ngoDisemba, usekhombise izinga eliphezulu eChloorkop, waqhulula namagoli ayisithupha emidlalweni engu-13 yeligi.
Emidlalweni engu-24 asayidlalile kuyona yonke imiqhudelwano, usehlohle amagoli angu-13 waba nesandla kwamathathu.
U-Adams naye kubukeka engena egiyeni njengoba esedlale imidlalo emine okubalwa nowangoMgqibelo nePirates njengoba ejoyine leli qembu ngewindi likaJanuwari lokubhaliswa kwabadlali.
USales usedlale imidlalo engu-17 washaya amagoli amathathu waba nesandla kwamahlanu. USuarez osayinisewe ngenyanga edlule, usedlale imidlalo emibili okubalwa nowangoMgqibelo nePirates.
UCardoso ukhuluma ngokunika abadlali ithuba nje, uphumele obala emasontweni edlule ngokuthi ubone kufanele amdedele umdlali wasesiswini, uThembinkosi Lorch, ngoba engeke agcine umdlali ongasajabule eqenjini.
Sekungumlando ukuthi uLorch ugcine ebolekiswe kwiWydad Casablanca yaseMorocco, eqeqeshwa nguRhulani Mokwena.
AmaSandawana azodlala ne-TS Galaxy namuhla ngo-7.30 ebusuku kowePremiership, eMbombela Stadium, eNelspruit, ngaphambi kokuyobhekana neMpheni Home Defenders edlala kwiSafa Limpopo ABC Motsepe League, koweNedbank Cup Last 16 eLoftus Versfeld, ePitoli, ngeSonto.