KUNEZIMPAWU zokukhathazeka kumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, njengoba enye yezinjini zakhe, uSiphephelo “Yaya” Sithole, izohlala isikhathi esicela kwisizini ingalithinti ibhola kulandela ukuphuka ngoSepthemba.
Ngokusho kukaBroos, isimo sikaSithole osemabhukwini eGil Vicente yasePortugal sibucayi ngale ndlela yokuthi isizini esanda kuqala, ingadlalwa ize isongwe engakaze alithinte ibhola.
USithole (25) wadlaliswa kabi usuyophela oka-Group K weBafana neSouth Sudan ngenyanga edlule ngaphansi kweyokuhlungela ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seMorocco ngonyaka ozayo.
Ngesikhathi uBroos ethula isikwati sakhe sabangu-23 azobhekana ngabo neCongo-Brazzaville kweyokuhlunga eqoqweni elifanayo uzwakalise ukukhathazeka ngokuthinteka kukaSithole.
IBafana esendaweni yesibili kwi-log lapho ibambene khona ne-Uganda ngamaphuzu amane, inomdlalo omqoka neCongo ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
UBroos uthe okumkhalisa kakhulu ukuthi yize ekhona, uLuke le Roux, azomsebenzisa kulokhu kodwa unovalo lokuthi uzokwenzenjani uma izinhlelo zakhe zingahlangani.
“Sinenkinga enkulu ngokulimala kukaSithole ngoba uwuhlobo oluhlukile lomdlali futhi esithembele kakhulu ezikhwepheni zakhe,” kusho uBroos kwiSABC.
“Asinaye omunye umdlali walolu hlobo ngakho-ke nginovalo kancane kodwa ngikhulekela ukuthi uLe Roux asivale isikhala sikaSithole kwazise useyadlala eqenjini lakhe.
“USithole uphuke fahla okungathatha isikhathi eside ukuthi siphinde sibenaye eqenjini ekubeni imidlalo ingamile.
“Kunale nkinga esiswini nje, noTebogo (Mokoena) kade agcina ukudlala kwiBafana ngoba uyazitshwa eqenjini lakhe okungesinye isiphazamiso.
“Le midlalo emibili izocacisa ukuthi inkulu kangakanani inkinga yethu ngokulinyalelwa uSithole ngakho-ke ngibheke kakhulu kuLe Roux,” kusho uBroos.
Ngaphandle kukaLe Roux okumele avale isikhala senjini nokungadlaliswa kukaMokoena kwiMamelodi Sundowns, ukukhishwa ngohlaka, kukaThalente Mbatha, ngoMgqibelo kowamanqamu weMTN 8 kufanele ukuba kucishe kwamumisela ngenhliziyo uBroos.
Omunye umdlali osesikwatini osembangweni wokudlala le ndawo, uJaydon Adams, weStellenbosch FC.
Imidlalo emibili yeBafana neCongo izolandelwa eminye emibili ne-Uganda neSouth Sudan ngokwahlukana ngoNovemba.