UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, ufunga uyagomela ukuthi ezakhe kumele ziwunqobe kumnyama kubomvu umdlalo wazo we neNamibia ukuze zidlulele esigabeni esilandelayo somkhumulajezi.
IBafana Bafana izotholana phezulu neNamibia emdlalweni wayo wesibili esigabeni samaqoqo kuGroup E we-Africa Cup of Nations, e-Amadou Gon Coulbally, eKorhongo, e-Ivory Coast, ngeSonto ngo-10 ebusuku.
ITunisia idlala neMali ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku, komunye umdlalo ongase ucacise ngeqembu elizodlulela emzuliswaneni olandelayo kaLast 16, nelingase lizithole libopha imithwalo libuyele ekhaya.
IBafana iza kulo mdlalo nje ingaphansi kwengcindezi enkulu yokunqoba kulo mdlalo njengoba ivule ngesibhaxu ibhaxabulwa yiMali ngo 2-0, ngoLwesibili.
Kanti iNamibia yona iza kulo mdlalo kuthe inesibindi futhi imagange, kwazise iguqise iTunisia kungabheke muntu ngalo oLwesibili kowokuvula.
Njengamanje iBafana yiyona esayibambe emsileni kuGroup E njengoba ingakabi nalo iphuzu. Yisimo esifanayo nakwiTunisia nayo engakabi nalo iphuzu.
“Okokuqala kunakho konke, sidumele kakhulu ngokwehlulwa kwethu yiMali ngoLwesibili, ngenxa yokuthi asidliwanga ngoba singadlali kahle,” kusho uBroos, esithangamini nabezindaba ngoMgqibelo, e-Ivory Coast.
“Sadlala kangcono kunabo esiwombeni sokuqala, saba namathuba amathathu amahle okushaya amagoli, saphinde sahlulwa nayiphenathi. Ngakho-ke ukuhlulwa emdlalweni onjalo kuletha indumalo kuwo wonke umuntu eqenjini. Kodwa-ke sibe nezinsuku ezinhlanu zokulungisa amaphutha. Engikubone izolo (ngoLwesihlanu) ejimini kungihlabe umxhwele kwangenza ngabona ukuthi abafana sebemi ngomumo ukubhekana nomdlalo onzima wakusasa. Kumele siwunqobe loya mdlalo. Sisenawo amathuba okwedlula esigabeni samaqoqo, siyakwazi lokho futhi siyazethemba,” kuqhuba uBroos.
“Ngakolunye uhlangothi iNamibia yawina kuTunisia, ngakho-ke umdlalo wethu nayo kuzoba ngumdlalo onzima womakhelwane. Iyiqembu elibophele abadlali abaningi abadlala eNingizimu Afrika ngakho-ke bazodlalela ukukhombisa ukuthi bangasehlula kanti nathi sizolwela ukubahlula.”
Ukunqoba kweBafana lo mdlalo kungase kubuyise amathemba ngokwedlulela kwayo emzuliswaneni olandelayo weLast 16, njengoba isazodlala neTunisia ngoLwesithathu kowokusonga eyesigaba samaqoqo.