UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uqhosha ngokuthi isikwati sakhe aya ngaso emidlalweni emibili emqoka neLiberia, singcono kunalesi aqale ngaso eka-Group K yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba se-Ivory Coast ngonyaka ozayo.
IBafana iqale leli qoqo ngebatha ngesikhathi ikhala ngaphansi kwiMorocco ngo-2-1 kade kuyiyona ehamba phambili emdlalweni odlalwe nyakenye.
NgokukaBroos, umphumela abawuthola kwiMorocco kwakungafanele wenze abantu baseNingizimu Afrika balwe naye ngoba kwakuwumdlalo onzima.
Sihluke kakhulu isimo kulokhu ngokusho kwalo mqeqeshi waseBelgium, oqala neLiberia ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Amathikithi omdlalo atholaka e-Ticketpro.
“Umehluko phakathi kwesikwati sethu nalesi esishaywe yiMorocco mkhulu kakhulu, yingakho ngisale nginokuxakeka uma sigxekelwa ukuthi sishaywe elinye lamaqembu angcono e-Afrika,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba ekhempini yaleli qembu lesizwe.
“Akukho noyedwa oke waphawula ngathi ngesikhathi iMorocco isigila izimanga koweNdebe yoMhlaba eQatar, ngonyaka odlule.
“Ngiyathemba ukuthi bonke laba abebegxeka iBafana sebeyabona manje ukuthi ukushaywa iMorocco ngo-2-1 eMorocco akulona ihlazo kangako,” kusho lo mqeqeshi.
IMorocco yaqeda endaweni yesine kwiNdebe yoMhlaba, eQatar nyakenye.
Injabulo kaBroos ngesikwati sakhe iqale kweyobungani abayidlale ngasekupheleni konyaka odlule. Kule midlalo, uBroos uthe kulapho eqale khona ukubona isikwati sakhe sihlangana ngendlela ayifunayo.
“Engikubone kubafana kule midlalo emibili yobungani esiyigijime ngonyaka odlule, kungikhuphulele ukuzethemba ngale midlalo emibili neLiberia.
“Eminyakeni emibili ngizama ukuhlanganisa isikwati kunezingqinamba, manje sengingasho ukuthi iqembu lami liqine ngendlela enganelisayo,” kulandisa yena.
“Nginethemba ngengikubone emidlalweni edlule ngakho-ke nalaba abahlalele ukugxeka ake bathambise manje bafisele iqembu labo lesizwe impumelelo.
“Engingakwethembisa ngakolwami uhlangothi ukuthi sizokhuluma enkundleni ngoLwesihlanu, siphinde senze okufanayo ekuhambeni,” kuphetha uBroos.
Ngemuva komdlalo iqembu lizobe selilibhekisa eMonrovia, ngeSonto, njengoba umdlalo olandelayo ungoLwesibili.
IBafana kumele inqobe nakanjani kule midlalo ukuze izibeke ethubeni lokuya kwi-Afcon. Amaqembu amabili phakathi kwayo iMorocco neLiberia, azoqeda phezulu, azolibhekise e-Ivory Coast.