AWUVALIWE umnyango kwiBafana Bafana kuPercy Tau, ophinde wasala ngaphandle kodwa umqeqeshi wayo, uHugo Broos, ubona kungcono ukuthi lesi silomo sishiye kwi-Al Ahly yase-Egypt ngoba vele ike yazama ukusidayisa.
Nakulokhu igama likaTau ongomunye wokaputeni beBafana alikho esikwatini sabangu-23 uBroos azobhekana ngabo ne-Uganda neSouth Sudan ngokwahlukana kusukela ngoLwesihlanu.
IBafana idinga amaphuzu amathathu kule midlalo emibili ezayo ka-Group K yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) eseMorocco, ngoDisemba wonyaka ozayo.
Ngesikhathi kuhlangana ikhempu yangenyanga edlule, uBroos watshela abezindaba ukuthi uTau ucele ukuba ashiywe ngaphandle ngoba kunezinto eziqondene naye uqobo okwakufanele abhekane nazo.
Ihlukile ingoma eculwa ilo mqeqeshi kulokhu ngokusala kukaTau kwazise usekhomba nokuba ifenisha kwakhe kwi-Al Ahly njengenye yezimbangela. UTau ubefakiwe esikwatini okugcine kukhishwe kusona lesi esizodlala eyokuhlunga.
IBafana esendaweni yesibili ngamaphuzu ayishiyagalombili emidlalweni emine, izobhekana ne-Uganda eqhwakele ngawu-10 nayo kwemine.
Umdlalo ungoLwesihlanu, eNelson Mandela Stadium, eKampala. Kuzolandela oweSouth Sudan ngoNovemba 19, eCape Town Stadium.
“Sizokuya kule midlalo ngaphandle kukaTau ngoba isimo sakhe eqenjini asimbeki ethubeni lokuzibekisela indawo kwiBafana okwamanje,” kusho uBroos kwabezindaba.
“Sekunesikhathi ngikuveza ukuthi isimo sikaTau kwi-Al Ahly asisihle okufakazelwa ukuthi usephenduke ifenisha noma afakwe sekusele imizuzu embalwa.
“Nginolwazi lokuthi i-Al Ahly ike yazama ukumdayisa kodwa yahluleka okuyinto edikibalisayo kumdlali,” kusho uBroos.
Akawuvalile nokho umnyango lo mqeqeshi kuTau kodwa futhi akamfihleli ukuthi kukhona okufanele akwenze uma ezimisele ngokubuyela kwiBafana.
“UTau esimaziyo simbona kahle uma ekhululeke ngaphakathi. Okwamanje akwenzeki lokhu kwi-Al Ahly, ingakho ngikhulekela ukuthi ashintshe iqembu.
“Akuphelile ngaye kepha udinga ukudlalela iqembu elibubonayo ubumqoka bakhe. Uma kungenzeka lokho, angingabazi ukuthi uTau angaphinda abe umdlali omqoka kithina njengoba simazi,” kusho lo mqeqeshi waseBelgium.