U-HUGO Broos ongumqeqeshi weBafana Bafana, uzosebenzisa imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 engoNovemba, ukulihlola okokugcina iqembu athemba ukuthi uzojabulisa ngalo abathandi bakanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoJanuwari.
Lo mqeqeshi waseBelgium ushayele umkhumbi weBafana inqoba ngo 2-1 kwiMorocco emdlalweni ka-Group K ngoMgqibelo, eFNB Stadium, weyokuhlungela i-Afcon ese-Ivory Coast ngonyaka ozayo.
Ngaphandle kwamaphuzu amathathu, indlela iqembu lakhe eliwaqoqe ngayo libhekene nelikleliswe phambili e-Afrika, iyona ethole indawo enhliziyweni yalo mqeqeshi.
Uvumile uBroos ukuthi ubengawabhekile amaphuzu kulo mdlalo kepha ubefuna ukubona ibanga eselihanjwe iqembu lakhe eminyakeni emibili enalo.
“Ayajabulisa amaphuzu kodwa okwenza ngizishaye isifuba ukuthi besingekho ngaphansi kwengcindezi sibhekene nelinye lamaqembu ahlonishwayo emhlabeni,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba.
“Indlela esidlale ngayo ingicacisele ukuthi sekusele kancane ukuthi sibe ileli qembu engiphupha ngalo kodwa wona umqhudelwano ngingasho ukuthi sesiwulungele.”
IBafana izokwazi ngoJulayi 12 ukuthi izoyidlala namaphi amazwe imidlalo emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoba ngoNovemba.
Kusukela ngo-2026, i-Afrika isizomelwa amazwe ayisishiyagalolunye koweNdebe yoMhlaba.
Emuva kokuqhathwa maphakathi noJulayi, amazwe ase-Afrika azohlukaniswa amaqoqo ayishiyagalombili.
Amazwe azoqeda lawo maqoqo eqhwakele, iwona azomela i-Afrika koweNdebe yoMhlaba ngo-2026, bese kuthi (amazwe) azolala isibili azobanga indawo eyodwa ezowinwa ngemidlalo yokuhlunga.
Imidlalo yokuqala yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezosingathwa i-United States of America (USA), Mexico neCanada, izoba maphakathi noNovemba.
“Inhloso yalo mdlalo weMorocco bekuwukuzibuka thina ukuthi sisondele kangakanani ekulungeleni i-Afcon kwazise womabili amazwe eze kuwona esevele ezibekisele indawo e-Ivory Coast,” kuqhuba uBroos.
“Sikutholile ebesikufuna futhi sineme ngayo yonke indlela. Sizosebenzisa imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba engoNovemba okuzobe sekuyithuba lethu lokugcina lokucijela i-Afcon, ngoba vele kuzobe sekusele izinyanga ukuthi iqale.”
UWalid Regragui opheka iMorocco uyincomile iBafana ngaphambi kokucasha ngokuthi kunabadlali bakhe abamqoka abebaphumuzile.
“Ngijabulela ukuthi abadlali bami bazoke baye eholidini njengabanye ngoba bekuyisizini ende ngendlela engajwayelekile kubona ingakho bebephunyuziwe abanye babo. Siyayibongela-ke nokho iBafana ngokubuya kwi-Afcon,” kusho lo mqeqeshi.