AKAZIMISELE ngokuphonseka esikhinsini esifana nalesi aseke waphonseka kusona phambilini umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, njengoba bezobhekana neLiberia kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-6 ntambama, e-Orlando Stadium.
UBroos uzwakale enokuzethemba esithangamini nabezindaba izolo emini. Lo mqeqeshi uveze ukuthi abadlali bakhe baqatha ngokwanele futhi bawulungele bonke umdlalo abadlali abangu-23 ababizele ekhempini.
IBafana izodlala neLiberia namuhla nje, ngoLwesibili leli qembu linomdlalo ofanayo ka-Group K nezwe elifanayo kodwa ekomkhulu laseLiberia, eMonrovia.
“Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi zonke izinto zihamba kahle kakhulu ekhempini nabadlali sebeyilindele le midlalo emibili emqoka esimelwe ukuqoqa okungenani amaphuzu amane kuyona,” kusho uBroos.
Ukucacisile-ke nokho kulesi sithangami uBroos ukuthi, njengoba ekholelwa ekutheni iBafana inethuba lokuwina, amagoli amaningi iwona azomjabulisa kakhulu.
Lo mqeqeshi waseBelgium ukhumbuze abezindaba ukuthi ngenxa yamagoli leli qembu lesizwe alizange liye koweNdebe yoMhlaba ebiseQatar ngonyaka odlule ngoba lidlale kancane emdlalweni wasekhaya wamaqoqo neZimbabwe (kweyokuhlungela ukuya eQatar).
Sekungumlando ukuthi iBafana ayizange idlulele emzuliswaneni wokugcina lapho kugcine kudlulele khona phambili iGhana ngokwezibalo zamagoli yize la mazwe ebebambene ngamaphuzu angu-13 eqoqweni.
“Angikholwa ukuthi sesikhohliwe ukuthi kunamthelela muni ukuyeka amathuba ekhaya njengoba kwenzekile sidlala kancane koweZimbabwe.
“Nginokuzethemba okungajwayelekile kulokhu kodwa konke kungenxa yengikubona kubadlali kusukela sihlangene ngeSonto. Bonke bawulindele umdlalo futhi ithemba likhulu yize sazi ukuthi kufanele siyihloniphe iLiberia.
“Amagoli iwona azosiweza ukuze kuthi noma izibalo zithini, sazi ukuthi sinamaphuzu kanjalo namagoli ukuze singeke singene esikhinsini esifanayo njengangokudlule kweyokuhlungela eyoMhlaba,” kuphetha uBroos.
La magoli uBroos akhuluma ngawo uwabheke kubadlali, uLyle Foster, Bongokuhle Hlongwane, Percy Tau, Cassius Mailula noZakhele Lepasa. Emidlalweni yokuhlunga ye-Afcon uma amaqembu abambene ngamaphuzu, indlela yokuqala yokuwahlukanisa, wukubheka imiphumela yawo ngesikhathi ebhekene womabili. Uma kuhleka lapho kube sekudlulela kwisibalo samagoli, lelo elingenelwe amagoli amancane, amagoli eliwashayile, nalalwo ashaywe ekuhambeni.