NAKUBA usihlalo weRichards Bay, uSifiso "Jomo" Biyela, ebekugcizelela ukuthi akayena umuntu othanda ukubeka izaba kepha akeneme ngesimo seqembu. UBiyela unenkolelo yokuthi ngabe abekho esimeni esibi kwiDStv Premiership ukube bebedlalela ekhaya, eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.
Isimo kasisihle kwiBay ngoba iyibambe endaweni ka-15 kwi-log ngamaphuzu awu-27, emidlalweni ewu-29. Uma iqembu lihleli kule ndawo uma sekusongwa iligi ngempelasonto, kuzosho ukuthi kuzomele liyodlala kweyokuhlungela ukuba yiqembu lika-16 leDStv Premiership, ngesizini ezayo.
YiCape Town Spurs esemsileni futhi isivele idliwe yizembe. Iqembu elikunombolo-15 lizodlala eyokuhlungela ne-University of Pretoria, neBaroka abaqede endaweni yesibili neyesithathu kwiMotsepe Foundation Championship.
Emdlalweni weBay okungowokugcina weligi, izokwamukela iStellenbosch ekhaya, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Nakuba kunzima, iNatal Rich Boys, isenethuba lokugwema eyokuhlunga, uma inqoba bese iRoyal AM (enamaphuzu awu-30) engaphezulu kwayo ihlulwa kowayo umdlalo wokugcina. IRoyal AM izosonga neMoroka Swallows.
Ngesikhathi uBiyela ekhuluma nephephandaba, ukubeke kwacaca ukuthi bazolwa kuze kube sekugcineni.
"Yibhola leli, kwenzeka noma yini. Isizini ayikakapheli, sisengakwazi ukuwabalekela ama-play-off. Ngiyazi ukuthi sizoncika emseni wabanye abantu. IBay le, sizolwa, sizohlale silwa siphinde sinqobe," kubeka uBiyela.
Uthe kube nemizwa ehlukene ngokudlalela ngaphandle kwaseBay.
"Ukuthi kwenzekani, sizohlale sibabonga abantu baseThekwini ngokuseseka eKing Zwelithini Stadium. Basiphathe kahle. Nakuba kunjalo, iqiniso ukuthi ukube besidlalela ekhaya ngabe asikho kulesi simo. Siyasazi isimo sabalandeli nesibalo sabakade bezosilandela (ukube bebedlalela ekhaya). Akusenani, sizolwa kuze kube sekugcineni. Silindele noma yisiphi isimo.“
Asithandanga isikhulu ukuphawula uma sibuzwa ngesigaba esikuso inkundla iMhlathuze Sport Complex Stadium.
IBay ize ifudukele eMlaza, eThekwini, kungenxa yokuthi iMhlathuze Sport Complex, ibisingekho esimweni esihle. UMasipala iKing Cetshwayo, waveza ukuthi kuzophela le sizini sekuphothuliwe ukwakhiwa kwayo.
UBongani Giba okhulumela isiFunda iKing Cetshwayo, inkundla engaphansi kwaso, uthe phansi amaphaphu, akonakele.
"Inkundla izophela noma yinini. Angifuni ukwanda, sizokwenza isiqiniseko sokuthi konke kuhamba kahle. Abantu abazi konke, bayazi ukuthi maduze izophela iKing Cetshwayo Complex. Kuzolunga konke," kusho uGiba.