IZINQUMO mayelana nokuthengwa kwabadlali kwiMamelodi Sundowns azilele kumuntu oyedwa ngokusho koyiSporting Director kuleli qembu, uFlemming Berg.
UBerg, odabuka eDenmark, wathatha lesi sikhundla ngo-2022, evala isikhala sika-Jose Ramon Alexanko, owayeshiye ngo-2020.
Phambi kwalokho, wayesebenzela iDanish Football Union lapho umsebenzi wakhe kwakuwukuthola abadlali abasebancane abahamba phambili kumaligi ahlukene ase-Europe.
Wake wenza nomsebenzi ofanayo eqenjini lePremier League lase-England, iChelsea, lapho ayebheka khona abadlali emazweni okubalwa iSpain, Brazil, Argentina, Portugal nase-Uruguay.
Uthe ngesikhathi efika kwiSundowns ayimgculisanga indlela iqembu elalenza ngayo uma lithenga abadlali.
“Ukubheka abadlali kusho lukhulu kimina. Ayingijabulisanga indlela okwakwenziwa ngayo ngesikhathi ngifika kuSundowns, kwadingeka ukuthi ngiyishintshe. Ngicabanga ukuthi inqubo efanele ukubheka izidingo zeqembu. Lokhu sikwenza ngokubambisana nabaqeqeshi nabahlaziyi,” kusho uBerg.
“Abahlaziyi basinika imininingwane abayithola uma sebebheke ulwazi abaluthola emidlalweni yeqembu, bayazi ukuthi yikuphi lapho singenza khona kangcono. Abaqeqeshi nabo bayazi ukuthi iqembu lihlose ukuthuthuka kuphi bese sibheka nesitayela sethu sokudlala.
“Sixoxa ngezimfanelo ezibaluleke kakhulu umdlali odingekayo okufanele abe nazo. Ithimba labahlaziyi libe selihlanganisa uhlu lwabadlali abahlanu abahamba phambili esingakhetha kubona. Njengoba singakabi nayo inhloli kuwumsebenzi wami ukubheka amavidiyo alabo badlali, ngikhethe abathathu esizobheka ukuthi singabathola yini emaqenjini abo.”
UBerg uthe uma sebexolile namaqembu babe sebedlulela kubaqeqeshi nohlu oluqondile ngoba kasikho isidingo sokuthi babatshele ngabadlali abangeke bakwazi ukubathola.
Ngesikhathi obeqeqesha iSundowns, uRhulani Mokwena, eshiya leli qembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25, kwasuka umsindo ngenxa yamahlebezi okuthi ukushayisana kwakhe noBerg ngokusayiniswa kwabadlali nokwelulwa kwezinkontileka yikhona okuholele ekutheni angabe esakwazi ukuqhubeka.
UBerg uthe lokhu kungamampunge njengoba engekho umuntu okwazi ukuthatha izinqumo yedwa kuleli qembu laseMamelodi.
“KwiSundowns lokhu akwenziwa ngumuntu oyedwa. Baningi abantu abathintekayo kulezi zinqumo. Uma izingxoxo seziqediwe sidinga imvume yebhodi eliphethe iqembu. Mina ngenza lokho abangitshela khona. Akumina obatshelayo ukuthi yini okufanele yenziwe yiSundowns,” uchaze kanje uBerg.
“Ngiza nezincomo kodwa zonke izinqumo ezinkulu zithathwa yibhodi, nokuyindlela okumele kwenziwe ngayo. Iqembu liphethwe yibona. Aliphethwe yimina, umqeqeshi noma abadlali. Yibhodi elithatha izinqumo ngoba nabanikazi beqembu bayingxenye yalo.
"Ngiyazi ukuthi abezindaba sebeke babika ukuthi uFlemming wenze lokhu nalokhu kodwa lokho kukhombisa ukulithatha kancane iqembu. Leli qembu likhulu futhi linamandla kakhulu kunalokho. Uma abezindaba bekholelwa ekutheni kunomuntu ongathatha izinqumo ezinkulu yedwa kukhombisa ukubukela phansi ibhodi yethu. Lapha sibuswa wulwazi olunzulu lwebhola, olobuholi nolwamabhizinisi futhi sinabaholi abaqotho.”
UBerg uthe uhlelo abalusebenzisayo yilona oluholele ekutheni bakwazi ukuthola abadlali abasezingeni eliphezulu njengoLucas Ribeiro, Matias Esquivel nabanye.