UMQEQESHI weNamibia, uCollin Benjamin, uthembise ukuthi iqembu lakhe lizoqhubeka nokugqoka isigqoko sokuba yiqembu lesizwe elithathwa njengelincane njengoba benzile bemangaza iTunisia engompetha bango-2004 be-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubeka e-Ivory Coast.
UBenjamin ohole iNamibia ithola iwini yayo yokuqala kulo mqhudelwano, ucashunwe yi-cafonline.com echaza le wini njengemgeze inhliziyo ngoba beze emdlalweni benganikwe lutho.
Umdlali we-Orlando Pirates, uDeon Hotto, wuyena oshayele amaBrave Warriors igoli okube yilona lodwa kodwa uLoyd Kazapua, ovimbela iChippa United, uvimbe amabhola anzima abethunyelwa yiTunisia.
“Ngizizwa ngikhethekile ngokuba owokudabuka waseNamibia kodwa okwenza ngiziqhenye kakhulu wukuba umholi wabadlali abazimisele ukufela enkundleni ngenxa yothando lwezwe labo,” kusho uBenjamin.
“Kusenza sizizwe sibalulekile ukungena enkundleni sizikhandle ngakho konke esinakho, egameni lezwe lethu nabo bonke abantu bakhona. Sidlale kahle kodwa ukuthi lokhu bekuhamba newini kuhlala kahle enhliziyweni yami.
“Vele sithathwa njengezwe elincane, ngakho-ke sizokugqoka lokho kodwa siqinisekise ukuthi asehlisi emgqigqweni esiqale ngawo.
“Yehla kahle kakhulu le wini ngoba akekho obecabanga ukuthi sizoyithola. Sizojabula namuhla kodwa sibuye nganeno ngoba umsebenzi uyaqhubeka,” kusho yena.
Lo mqeqeshi owayewumdlali weNimibia uzishaya isifuba nje, uJalel Khadri, oqeqesha iTunisia uthwele kanzima.
UKhadri naye owayedlalela iTunisia akabukeki esezinhliziyweni zabalandeli baleli qembu lesizwe, uma kuzoya ngabakusho ngaye esidlangaleni nasezinkundleni zokuxhumana.
Imibiko evela eTunisia ikhomba ukuthi abalandeli babona yena enempehlwa yize isikwati siqine ngokwanele.
“Umdlalo usilahlekele maphakathi nenkundla, iNamibia yasixina ngamandla nangejubane,” usho kanje uKhadri kwi-cafonline.com emuva komdlalo.
Umdlalo weNamibia olandelayo izowudlala nomakhelwane bayo iBafana Bafana ngeSonto ngo-10 ebusuku. IBafana ishayiwe kowayo wokuqala ophele kungu 2-0 kuhamba phambili iMali.