ISITHEMBISO seNedbank Cup negunya lokumela iPremier Soccer League (PSL) kwiCaf Confederation Cup kuconsisa amathe kumqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, nabadlali bakhe kwazise sebeyawazi umuzwa nokuhlonipheka okuhambisana nokudlala lo mqhudelwano wase-Afrika.
IStellies izokwamukela iPolokwane City kwi-Last 16 yalo mqhudelwano ohamba nentshontsho lika-R7 million ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku eDanie Craven Stadium, eKapa.
Indaba yokuthatheka ngemiqhudelwano yase-Afrika uBarker uyikhulume nabezindaba maphakathi nesonto lapho ebezokwenaba khona ngezinhlelo zakhe zomdlalo neRise And Shine.
IStellies, esiphenduke elinye lamaqembu ajwayele ukuhamba ibanga elide emiqhudelwaneni yePSL, idlule kwiKruger United edlala kwiMotsepe Foundation Championship ngo 2-1 kwi-Last 32.
“Okusobala wukuthi uma singanqoba imidlalo emihlanu elandelayo kwiNedbank sozoba ngompetha bayo okuhamba negunya lokumela i-PSL emidlalweni yeCaf,” kusho uBarker.
“Sizokwenza konke okusemandleni ukuqhubeka nalo mqhudelwano ngoba sesizwile ukuthi kunjani ukumela iligi yakho nenhlonipho ehamba nokudlala e-Afrika sesiyayazi.”
UBarker ukubalulile ukuthi ngeke kube lula kowePolokwane kwazise babhekene nelinye lamaqembu angcono kwi-PSL kule sizini, wathi kodwa kungcono lokhu kunokubhekana neqembu abangalazeli lutho.
“Akekho ongaphika ukuthi kule sizini iPolokwane ingelinye lamaqembu enza kangcono cishe kunawo wonke amanye ngakho-ke kucacile ukuthi kufanele silwe uma sizimisele ngokuqhubeka nebanga kwiNedbank,” kulandisa yena.
“KwiKruger satibula kanzima ngenxa yokuntula ulwazi olwaludingeka. Kwacishe konakala kulowo mdlalo kodwa kulokhu siyazi ukuthi siyobhekana nani ngakho-ke nabadlali baya ngokuqonda ukuthi uma bezithambisa bazoyibuka kuthelevishini iNedbank.”
UBarker ofake iStellies kweyamaqoqo eCaf Confederation Cup ekubeni eyidlala okokuqala, uzwakalise injabulo ngokululama kwabadlali abamqoka.
“Kunabadlali ababalulekile ababuya ekulimaleni kanti sizobe sidlala phambi kwabalandeli bethu okokuqala emuva kwesikhathi eside okuyinto engingangabazi ukuthi izofana nomjovo. Kusemqoka ukuhlonipha iPolokwane kodwa okubaluleke nakakhulu ukuzethemba nokubambelela egameni esesizakhele lona emiqhudelwaneni eyahlukene kumasizini adlule,” kusho lo mqeqeshi onqobe iCarling Knockout yangesizini edlule.