Lisazoqhubeka nokugawula izembe kubadlali baMaZulu okuvela ukuthi bahlanu abangase balandele uTercios Malepe osevele ehlukene naleli qembu elidlala kwiDStv Premiership.
UMalepe ubefike kuMaZulu Ngo-2021, ephuma kwiFC Mynai wase-Ukraine.
Ufike ethwelwe ngeqoma ngenxa yokuba sohlwini lwabadlali abambalwa abamele elakuleli amahlandla amabili kuma-Olympic Games, ngo-2016 nango-2021.
Nokho ngaphansi komqeqeshi uPablo Martin waseSpain, izinto azimhambelanga kahle njengoba ekhonjwe indlela esadlale emihlanu kuphela yeligi.
Isolezwe lithole nokuthi leli sonto lizophela AmaZulu esebanikile izincwadi ezibakhululayo. Kubona kubalwa uSibusiso Mabiliso odlala ohlangothini lwesinxele emuva noSiphesihle Maduna okuvela ukuthi ubengasalubhadi vele ejimini.
UMabiliso ufike kuleli qembu ngo-2018. Ngenxa yokudlala kahle ugcine ethathwe iKaizer Chiefs ngo-2021. Nokho izinto azimhambelanga kahle njengoba kugcine ngokuthi abuyele ekhaya ngo-2022. Uchithwa nje, ubesadlale kuphela abadliwe kuwo iChiefs ngo 3-0 nababambane ngo 1-1 neChippa United.
UMaduna okhiqizwe izinkulisa zawo AmaZulu, ukhonjwe indlela engadlalanga nowodwa kule sizini. Inkontileka yakhe ibiphela ekusongweni kwale sizini.
"Umqeqeshi uMartin ulibeke ngembaba elokuthi laba badlali abekho ezinhlelweni zakhe. Bekuyinto ebese ivele icacela noma ubani ukuthi ngeke besaqhubeka nokuba umndeni woSuthu. UMaduna ubengasezi nasejimini,“ kubeka umthombo.
Isolezwe lithole nokuthi noMfanafuthi Mkhize odlala emuva ohlangothini lwesobunxele ngeke asinde ezembeni. Usayine ekuqaleni kwesizini noMlondi Mbanjwa abebedlala naye kuThongathi. NoMkhize ubengakadlali nowodwa.
Abanye okuvele ukuthi basendleleni ephumayo, uMavuso Mswati noMxolisi Kunene. UMswati ufike kuleli qembu ngesizini edlule ngaphansi komqeqeshi uRomain "Fohloza" Folz. Usayine inkontileka yezinyanga ezinhlanu. Nakuba ebengakaze elithinte ibhola kodwa ngaphambi kokuqala kwale sizini inkontileka yakhe ivuselelwe ngeminyaka emibili. UKunene kuvela ukuthi ubulawe ukulimala. Ubephuma kwiMaritzburg United.
Kuthintwa umengameli woSuthu, uSandile Zungu ngalaba badlali abathintekayo, uthe ngeke akwazi ukuphawula kwabezindaba ngezinto zeqembu.
"Uma kunezinguquko esizenzayo sikhipha isitatimende. Engingakuqinisekisa yilokhu osekwaziwa, kokuhlukana noMalepe. Simfisela inhlanhla lapho eya khona. Mayelana nezinye izinguquko, kuzocaca ngokuhamba kwesikhathi," kubeka uZungu.
Kunemibiko ejikelezayo ethi AmaZulu asezinhlelweni zokuboleka uSammy Seabi ongumdlali wasesiswini kwiMamelodi Sundowns. UZungu ukuphikile lokhu.
"Angiyazi le mibiko iqhamuka kuphi. Yebo, ukhona umdlali weSundowns esimfunayo kodwa akuyena uSeabi,“ kusho yena.
Elinye igama elivelayo kwabagaqelwe nguSuthu ngelikaSifiso Ngobeni wawo amaBrazilians.