UMDLALI wasesiswini weTS Galaxy, uMlungisi Mbunjana uthi yize bebefisa ukuzuza okuningi kule sizini, kodwa kuzobanelisa ukuqeda imidlalo yeDStv Premiership bebalwa namaqembu akwiTop 8.
UMbunjana ungomunye wabadlali abamqoka kuleli qembu elisethubeni lokuqeda okokuqala kwiTop 8 kusukela ngesizini ka-2020/21, lidlala okokuqala kwiDStv Premiership ngemuva kokuthenga ilungelo lokudlala kulesi sigaba kwiHighlands Park.
Njengamanje iGalaxy esendaweni yesihlanu kwi-log, ngokwezibalo kubukeka isivele izibekisele indawo kwiTop 8, yize isasalelwe yimidlalo emithathu ukusonga le sizini ka-2023/24.
Izobhekana ne-Orlando Pirates koweDStv Premiership, eMbombela Stadium, eNelspruit ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
“Kule sizini kuningi ebesifisa ukukuzuza kodwa akwangenzeka. Sidlale kowamanqamu weCarling Knockout, sahlulwa sesithembile sishaywa kumaphenathi yiStellenbosch.
“NakwiNedbank Cup besizimisele ukuhamba ibanga size sifinyelele kowamanqamu njengoba senzile kwiCarling Knockout.
“Nakhona akwangenzeka ngokufisa kwethu. Nokho, lokho akusiqedi umoya kodwa kuyasikhuthaza ekutheni sizame nangesizini ezayo,” kusho uMbunjana.
Njengamanje ukuqeda kwiTop 8 uthe yikona abakholwa wukuthi kuzobathoba izinhliziyo abalandeli babo ababaseka ngaso sonke isikhathi, ngisho bengenzi kahle.
Uthe bayazi ukuthi umdlalo abazowudlala nePirates ungonzima uma ebheka ukuthi izobe ilwela ukubuyisa isithunzi ngemuva kokushaywa yiRichards Bay, kodwa bayazi ukuthi bangawunqoba.
Ngemuva kwalo mdlalo wangoMgqibelo neZimnyama, i-The Rockets izosalelwa yimidlalo emibili, oweMamelodi Sundowns nowePolokwane City.
“Imidlalo esisalele ayilula neze kodwa ngikholwa ukuthi kuyo yomithathu ngeke singabuyi nawo amaphuzu. Ukuqeda ngenothi eliphezulu yikhona esimagange ngakho kakhulu,” esho.
Ukhuluma kanjena lo mdlali nje, i-The Rockets inomgqigqo omuhle njengamanje emidlalweni yakamuva yePremiership, kweyisishiyagalombili yakamuva inqobe emihlanu yadlala ngokulingana kwemithathu.