INKAKHA ye-Orlando Pirates u-Edward ‘Magents’ Motale, ithe kufanele kucace ngesizini ezoqala ukuthi umqeqeshi uJose Riveiro uyayiqeda yini indlala yesicoco seligi.
EzikaMagebhula zagcina ukuba ngompetha bakuleli ngesizini ka-2011/12 izintambo ziphethwe ngu-Augusto Palacious, owayezithathe kuJulio Leal maphakathi nayo.
URiveiro ufike kweZimnyama ekuqaleni kwesizini ka-2022/23, wadla isicoco seMTN 8 neseNedbank Cup. Ngesizini ephelile uphinde wathatha izicoco ezifanayo.
UMotale uthe usamethemba lo mqeqeshi odabuka eSpain kodwa sekufanele anyukele kwelinye izinga.
“IPirates izamile ngokuqeda endaweni yesibili yaphinde yanqoba imiqhudelwano yomkhumulajezi kodwa ibingenza kangcono. Inkinga wukuthi ilahle amaphuzu emidlalweni obekufanele iyinqobe, eminye kalula,” usho kanje.
“Umqeqeshi sekufanele akhiphe amangwevu kwiligi ngoba sesibonile ukuthi uyakwazi ukunqoba imiqhudelwano yomkhumulajezi. Ngiyazi kuyaye kuthiwe unezicoco ezine kodwa ngingalungisa ngokuthi unqobe izicoco ezimbili, waphinde wazivikela. Sesibheke okunye okuhlukile.
“Ngalokho angisho ukuthi abalandeli kufanele baxhamazele uma sekuqala isizini ngoba ingumjaho omude, kungenzeka kube nobuhixihixi bese izinto ziyaqonda. Okumqoka wukuthi umqeqeshi nethimba lakhe lonke kufanele besekwe, kubhekwe ukuthi yini entsha abazobuya nayo kulokhu.”
I-Orlando Pirates isheshile ukuphumela obala ngezinguquko ezenzekayo eqenjini njengoba kubhekwe kwisizini ka-2024/25 ngokudedela abadlali abangasekho ezinhlelweni zomqeqeshi.
Kubona kubalwa onozinti ababili, uRichard Ofori noSiyabonga Mpontshane, ababili abagijima esiswini, uThabang Monare noFortune Makaringe, nabagadli, uKermit Erasmus noSouaibou Marou.
UMotale uthe nakuba engazazi izizathu eziholele ekutheni laba badlali bashaywe ngesithende kodwa konke kuzocaca maduze uma iqembu selihlanganisa iqembu elizogadla ngalo emiqhudelwaneni yasekhaya nakwiCaf Champions League.
"Ngicabanga ukuthi kuphele isizini iqembu selazi ukuthi lihloseni ngalaba badlali, yingakho lisheshe lamemezela ukuthi liyabadedela. Kuchaza ukuthi umqeqeshi nethimba lakhe bese behlalile phansi bahlela ukuthi bafunani ngesizini ezoqala,” uqhube kanje.
“Noma ngingeke ngiphawule kakhulu ngoba anginalo ulwazi lwangaphakathi kodwa ziningi izinto ezibhekwayo ngaphambi kokuthi kufinyelelwe ezinqumeni ezinjalo. Kubhekwa izinga umdlali asekulona, indlela aziphatha ngayo, umlando wokulimala kanye nokuhamba kweminyaka.
“Omunye umuntu angathi labadlali bebengaqhubeka nokuba wusizo eqenjini kodwa asazi ukuthi zithini izinhlelo zabaqeqeshi nokuthi lizoqhamuka nani uma selisayinisa abadlali abasha."
UMotale uthe ubona iqembu liqinile ezintini, yize lizodinga onozinti abazobanga ijezi nalaba abasele. Ugculisekile futhi ngabadlali abasemuva nabasesiswini. Ngokwakhe ufuna lithole abagadli abangalibheki ipali abazovala izikhala zika-Erasmus noMarou.
Kubagadli abasemabhukwini ePirates njengamanje kubalwa u-Evidence Makgopa, Zakhele Lepasa noTshegofatso Mabasa, obashaye bonke emakhanda ngokuvalela phakathi amagoli angu-16 kwiDStv Premiership ngesizini edlule.