ULOBIZELA ukuthola indawo esikimini esikhulu saMaZulu FC uSiyanda Hlangabeza ongesinye sezethenjwa kweleDStv Diski Challenge.
UHlangabeza (20) waseChesterville uyibamba enkabeni yenkundla esikimini somqeqeshi uSiboniso Vilakazi, esishaya ngenqwaba yabadlali abanekhono.
Usalile ngesikhathi ozakwabo, uMsindisi Ndlovu noLindani Shange, benyuselwa esikimini esikhulu ngokwehlukana.
UNdlovu uselitholile ithuba lokudlala kwiDStv Premiership ngaphansi komqeqeshi uRomain Folz. UShange, osalimele, akakadlali esikimini esikhulu. Ngenxa yalokho unikwa ithuba lokudlala kwiDiski Challenge.
"Kwesinye isikhathi kubalulekile ukulinda. Ngiyazi ukuthi sonke siyafuna ukunyukela esikimini esikhulu. Nami futhi ngiyafisa ukuqhubekela phambili nebhola,“ kusho uHlangabeza.
“Okwamanje angikaze ngibizwe ukuzojima nesikimu esikhulu kodwa ngiyafisa ngelinye ilanga ukuya khona ukuze ngizibonakalise.”
AmaZulu adonsa kanzima ukuthola amaphuzu agcwele imidlalo ilandelana kule sizini.
Ngempelasonto edlule adlale ngokulingana ngo-2-2 neMarumo Gallants ekuhambeni.
Ngaphambi kwalokho, abuye seliyoshona aphuma nephuzu kowabakhaya neRoyal AM emdlalweni ophele ngo-1-1 eClermont.
Ukwehluleka ukuqoqa amaphuzu agcwele koSuthu kubeka engcupheni iphupho likaVilakazi lokuwina iligi ekupheleni kwesizini.
Esicongweni se-log kusahlezi iCape Town City ephume nephuzu kwiLamontville Golden Arrows emdlalweni ophele zibambene ngo-3-3 eThekwini.
"Into esizitshele yona singabadlali wukuthi kufanele silwe ngokubambisana sonke. Akekho umuntu odlala yedwa enkundleni. Uma kukhona odlala yedwa, ngeke liphumelele iqembu," kusho uHlangabeza.
Umbango weligi yeDiski ushubile phezu kokuba isekude ukuphela isizini. Umgqigqo weCity, eqale ngawo isizini yahlala esicongweni, ubukeka usuwehlile. Lokhu kuvulela intuba i-Orlando Pirates evuthayo ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uJoseph "Dukuduku" Makhanya owayengumdlali wayo. EZimnyama seziwine imidlalo engu-11 kwengu-16 eziyidlalile kule sizini.
Imiphumela yemidlalo yeDStv Diski Challenge:
Golden Arrows 3-3 Cape Town City; Marumo Gallants 2-2 AmaZulu; SuperSport United 3-0 Richards Bay; TS Galaxy 1-3 Orlando Pirates; Stellenbosch 1-0 Swallows; Mamelodi Sundowns 1-0 Chippa United; Sekhukhune United 2-0 Royal AM
*Umdlalo obekufanele udlalwe yiKaizer Chiefs neMaritzburg United eDobsonville Stadium uhlehlisiwe ngenxa yemvula.