ESINYE sezithenjwa zaMaZulu, uBen Motshwari, sicela abalandeli babo ukuthi bakuthathe njengokuqhubeka nokugubha amaholidi ukuhambela umdlalo wabo womkhaya neRoyal AM.
La maqembu azobhekana namuhla ntambama ngo-5.45, eMoses Mabhida Stadium koweDStv Premiership.
Lo mdlali oyibamba kuthule umoya esiswini, uthe uyakuqonda ukuthi abalandeli banethezeke nemindeni yabo kulesi sikhathi samaholidi kaDisemba.
Ube esecela usizo lwabo ukuze bezowelela ku-2024 benqobile.
"Kasilutho ngaphandle kwabalandeli bethu. Ukuseseka kwabo kuhlale kunemiphumela emihle. Umdlalo wokugcina lo, ngicela bafike ngobuningi babo eMabhida ukuzogubha nathi ukungena onyakeni omusha. Siyethembisa ngeke sibaphoxe," kubeka uMotshwari ethimbeni labezindaba loSuthu.
Ayikho eyafuna ukugoba uphondo emzuliswaneni wokuqala weligi phakathi kwala maqembu.
Okungekuhle ngaMaZulu kulezi zinsuku ukuthi adlala ugingqigongqo webhola. Awakwazi ukubamba umgqigqo wokunqoba. Kodlule ekhaya, abambane neCape Town Spurs ngo 1-1. Kowandulela lo mdlalo abeshaye iSekhukhune United ngo 1-0.
Alele kweyeshumi ngamaphuzu awu-19, emidlalweni ewu-15.
Asanqobe emine kuphela kulesi sibalo semidlalo. UMotshwari uthe kumele bakulungise lokhu.
"Kusiphethe kabi ukulahla amaphuzu ekubeni sidlalela ekhaya. Kwesigcine ukuwudlalela eMabhida sishaye udaka sibhekene neSpurs. Silahle amaphuzu amabili abezosisiza.“
Uveze ukuthi kuzoba umdlalo onzima uma sebebhekene neRoyal AM.
"Umdlalo womkhaya awukaze waba lula. Njengathi neRoyal AM izobe ifuna ukuvala unyaka ngegiya eliphezulu. Okunginika ithemba ukuthi sidlala kahle kakhulu kulezi zinsuku," kuqhuba uMotshwari.
Sekuphele emithathu iThwihli Thwahla ingashaywa. Kwegcine ukuwudlala ibambane ngeqanda neMoroka Swallows. Kweyandulela lo mdlalo, ishaye abanye omkhaya bayo, iRichards Bay, yehlula neSpurs.
Ikleliswe kweyesi-13, ngamaphuzu awu-18, kwewu-14.