LUKHULU olusabhekwe ngabadlali baMaZulu FC kule sizini phezu kokuba besaphukile ezinhlizweni ngokuhlulwa kowamanqamu eMTN8 ngonyaka edlule, iqembu ligubha iminyaka engu-90 lasungulwa.
Lokhu kuvele nesitobha saleli qembu, uRiaan Hanamub, engxoxweni ngomdlalo wabo womkhaya baKwaZulu-Natal neRoyal AM.
La maqembu azoshukana eChatsworth Stadium, eThekwini, namuhla ngo-3.30 ntambama.
“Umdlalo womkhaya awuyi ngokuthi ngubani osefomini kodwa kuba sekutheni ngubani okufuna kakhulu ukunqoba ngalolo suku,” kusho uHanamub, omnandi emuva ngokulinganayo kwi 4-4-2 nakwi 3-5-2.
“Okumqoka kithi wukuthi singacabangi lutho ngeRoyal AM (njengoba siya kulo mdlalo) kodwa sigxile ekutheni sizowasiza kanjani AmaZulu.
“Kumele sigxile ekutheni yini esiyifunayo futhi singakusebenzisa kanjani ukubuya namaphuzu,” kubeka uHanamub
Uphinde waveza ukuthi basaphukile ezinhlizweni ngeMTN8 abehlulwe yi-Orlando Pirates kowamanqamu.
“Ngisaphukile enhlizweni namanje. Kubuhlungu kakhulu ukuhamba lonke ibanga bese uzohlulwa ekugcineni kowamanqamu kodwa-ke njengomdlali webhola elikhokhelayo, kufanele uququde noma kubaba,” kusho lo mdlali.
“Ekugcineni kusasimele ukubonga ubuholi beqembu ngesicoco. Bekuyisifiso sethu ukukwenza lokho ngemigubho yeminyaka engu-90. Besinentshisekelo yokukwenza lokho kodwa akwenzekanga. Kumele samukele uhlelo loMdali, sethembe kulo.”
Ngokwalo mdlali, ukunokuba bayidlulise sengathi ayenzekenga eyobuhlungu beMTN8, bazoyisebenzisela ukubakhwezela kukho konke abasangakuzuza kule sizini okusazobangwa kuyo neNedbank Cup.
“Konke ebesizibekele khona sisangakuzuza, Akushintshe lutho. Okwethu wukuthatha umdlalo ngamunye,” kusho uHanamub.
“Okungangijabulisa ngesizini yethu wukuqeda endaweni ephezulu, kungaba siya kwiCaf Champions League noma iConfederations Cup.”
Eyokunqoba iligi ibukeka sekuyindaba exoxa yodwa yiMamelodi Sundowns kwazise ivule igebe lamaphuzu ayisithupha kwiSuperSport United eyijaha endaweni yesibili.
Ayisishiyagalolunye amaphuzu aphakathi kwayo neRichards Bay FC esendaweni yesithathu ngangu-26.
“Asizikhathazi ngegebe elivulwa yiSundowns esicongweni kodwa sigxile kokwethu,” kusho uHanamub.
Ngaphandle kwesikweletu samagoli amahlanu esibhekene neRoyal AM, awumkhulu umehluko phakathi kwabo noSuthu olubashiya ngephuzu elilodwa kwangu-18 oseluwaqoqile.