UNHLANHLA “Shakes” Zwane owayesenkundleni ngonyaka AmaZulu FC agcine ngawo ukudlala kowamanqamu, ufisela uzakwabo u-Ayanda “Cobra” Dlamini, oyiphini lomqeqeshi oSuthwini, ukuba asuleke izinyembezi ngoMgqibelo lapho sebebhekene ne-Orlando Pirates kowamanqamu eMTN8.
AmaZulu agcina ukudlala kowamanqamu ngeNedbank Cup, ashaywa ngo 3-0, yiBidvest Wits ngesizini ka-2009/2010.
Ngalolo suku kwakuvulwa ngokusemthethweni i-FNB Stadium (entsha), eyabe izosingatha umdlalo wokuvula kanjalo nowamanqamu weNdebe yoMhlaba ka-2010. UZwane oseqeqesha ezinkulisa zoSuthu, noDlamini basala bephoxekile. IWits yabajikela esiswini njengotshwala ngesiwombe sesibili yashaya amagoli amathathu asheshayo.
Njengoba Usuthu lumatasa namalungiselelo okubhekana neZimnyama, uZwane owafika kuleli qembu ngo-2005 (lisabizwa ngeZulu Royals), utshele iphephandaba ukuthi uDlamini, osiza uRomain Folz, nguyena amcabanga kakhulu kunabo bonke abaseqenjini elizobhekana nePirates. Uthe yingoba uyabazi ubuhlungu abuzwa ngokwehluleka ukuwinisa leli qembu eyisithenjwa ngo-2010.
“Kujatshulwe oSuthwini futhi kufanele ngoba ukufika kowamanqamu kweqembu yinto esiyigcine eminyakeni ewu-12 edlule,” kusho uZwane.
“Kubona bonke, okunguyena engimfisela kakhulu inhlanhla yiphini lomqeqeshi, uDlamini ngoba wayekhona enkundleni sihlulwa yiWits ngo-2010.
“Ngikhulekela ukuthi izinto zijike kulokhu zivune yena ngoba wayeyingxenye yeqembu elaphoxeka kabuhlungu, amathemba okuqukula emakhulu eminyakeni edlule. Ngaphandle kwakhe, kungakuhle ukuthi Usuthu lunqobe inkomishi ukuze kubuye nesithunzi sesifundazwe sakithi (KwaZulu-Natal).
“AmaZulu yiqembu elikhulu futhi elinomlando omude ebholeni laseNingizimu Afrika, ngakho-ke kufanele lubalwe nalo kwabahlabanayo,” kuqhuba uShakes.
UZwane ubona izinto zihluke kakhulu kulokhu uma eqhathanisa neqembu elidlale kwiNedbank Cup ngo-2010.
“Asethubeni elikhulu AmaZulu kulokhu ngoba akufani nakithina lapho kwakungekho muntu ojwayele imidlalo yamanqamu. Isipiliyoni sokudlala kowamanqamu sasingabonwa yingakho sasinamatata.
“Kuleli qembu loSuthu kugqishwe ngabadlali abangazange bagcine ngokuyidlala eyamanqamu kepha bayinqobile namaqembu abo aphambilini. Kulolu Suthu kukhona abadlali abadlalela amazwe abo ngakho-ke ithemba likhulu.”
UZwane ubonge umndeni wakwaZungu ngokufika nesandla esinobunono ekuvuseni iqembu.
“Siyabonga emndenini wakwaZungu, ngokufika eqenjini kubonakale. Ngenxa yesandla sabo, iqembu likhombisa izimpawu zokubuyisa izinsuku zodumo lwakudala namanje obaba bethu abasasitshela ngalo,” kuphetha uZwane.