UMQEQESHI waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, ngeke abatotose abadlali beqembu ngoba uyazi ukuthi banawo amava okukhipha amangwevu bakhuphule leli qembu, balibeke kwelinye izinga.
UZwane, oqeqesha ngokubambisana noVusumuzi Vilakazi kuMaZulu, usho kanjena nje ezakhe zibuye namaphuzu amqoka emuva kokuguqisa iRoyal AM ngo 1-0 ngempelasonto edlule kowabakhaya baKwaZulu-Natal. Lo mphumela uluxaxamisile Usuthu, lwasuka esishozini sezembe, lwahlala endaweni ka-13 kwi-log yePremiership.
“Angicabangi ukuthi iqembu elinjengaMaZulu kufanele ngabe likule ndawo elikuyona njengamanje (kwi-log), uma ubheka uhlobo lwabadlali esinabo.
“Badinga nje ukuzazi ukuthi bangobani, baphumaphi, yini abayifunayo. Nanokuthi bona njengabadlali baMaZulu behlangene, yini abafuna ukuyifeza eqenjini. Ngokwami kuningi abangakwenzela iqembu, konke kulele kubona,” kusho uZwane.
Umqeqeshi ulibeke ngembaba elokuthi ngeke babatotose abadlali ngenxa yamaholidi, wathi bazobhekana nemidlalo emibili eshubile futhi kasikho isikhathi segidigidi lamaholidi.
“Ngakho-ke ngeke sibatotose ngoba siyabona ukuthi banawo amava namandla okunqoba. Yikho-ke nje ukuthi abadlali bethu baseNingizimu Afrika, banawo umqondo wokuthatha izinto kancane, ikakhulu uma izinto seziqala ukuhamba kahle.
“Ngakho-ke njengamanje asinaso isikhathi sokuphumula, silungiselela umdlalo olandelayo (neSundowns). Kuyangijabulisa ukuthi sidlala ngoDisemba 24, ngaphambi kukaKhisimusi, siphinde sidlale futhi ngoDisemba 29.
“Ukuba nje kuya ngami bengingafisa nokuthi ngabe kuyadlalwa nangoNew Year njengoba kwenza amaqembu aphesheya kwezilwandle, abadlali bazi ukuthi kufanele kusetshenzwe iphume emiqondweni yabo le nto yegidigidi lamaholide okuphela konyaka.
“Okubalulekile wukuthi siqoqe amaphuzu njengoba kuwuDisemba ukuze sizehlisele umthwalo,” kuqhuba uZwane.
Usuthu luzobuyela ensimini neMamelodi Sundowns ngoLwesibili oluzayo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. NgoDisemba 29, luzovala unyaka ngomdlalo wasekuhambeni neCape Town City.