UKAPUTENI weSenegal, uKalidou Koulibaly, unethemba lokuthi iqembu lakhe lizoba ngcono emidlalweni emibili elandelayo kwiNdebe yoMhlaba ngemuva kokuhlulwa kowokuqala.
ILions of Teranga iwuqale kabi lo mqhudelwano obanjelwe eQatar, ihlulwa yiNetherlands ngo-2-0 kuGroup A ngemuva kokungenelwa amagoli amabili umdlalo usuyophela.
Leli qembu elicijwa ngu-Aliou Cisse, selizobhekana nosokhaya, iQatar, kowesibili wamaqoqo ozodlalelwa e-Al Thumama Stadium namuhla, ngo-3 ntambama.
Womabili la maqembu adinga ukunqoba noma okungenani ukuthola iphuzu ukuze azigcine kulo mqhudelwano.
UKoulibaly, othathe izintambo njengomholi weqembu ngemuva kokukhishwa kukaSadio Mane eqenjini ngenxa yokulimala, uthe ezakhe zisazimisele ngokulwa.
“Sisazimisele ngoba siyazi ukuthi kukhona esisengakwazi ukukuzuza kulo mqhudelwano futhi sisakholelwa emathubeni ethu,” uKoulibaly ucashunwe yi-website i-eMedia Senegal esithangamini nabezindaba.
“Abadlali bethu abasebancane kuzomele bazibonakalise kule midlalo emibili ezayo, kumele babe sefomini ukuze bakwazi ukukhiqiza okuhle emdlalweni omkhulu esizowudlala neQatar.
“Sisesimeni esinzima kodwa ngeke sibaphoxe abantu bakithi. Siyakwazi okufanele sikwenze futhi abantu bazobona amaBhubesi angempela."
Lo mdlali ogijima kwiChelsea e-England, uqhube wathi kukhona abebengakuthola bebhekene neNetherlands.
"Bekufanele sidlale ngokulingana neNetherlands. Besazi ukuthi umdlalo uzonqunywa ngemininingwane emincane. Kube nzima ngemuva kokulimala kukaCheikhou Kouyate. Ukulahlekelwa ngabadlali abanjalo maphakathi nomdlalo kunzima," uchaze kanje.
"Sizamile ukudlala ibhola lethu futhi kube yishwa ukuthi asikwazanga ukushaya igoli lokuqala ngoba sibe nawo amathuba. Sekusele imidlalo emibili esiyithatha njengeyamanqamu futhi sizokwenza konke uma sesibhekene neQatar ukuze sikwazi ukubhekana ne-Ecuador sisanethuba lokudlulela phambili."
I-Qatar nayo iwuvule ngebatha lo mqhudelwano ishaywa yi-Ecuador ngo-2-0. Lo mphumela wenze babe yizwe lokuqala ukuvula iNdebe yoMhlaba ngesibhaxu ekhaya.
Kulowo mdlalo abathumelanga lutho epalini okudingeke ukuthi ivinjwe ngunozinti we-Ecuador.
Umqeqeshi uFelix Sanchez ucashunwe kwiFifa Plus, ethi: “Ziningi izinto okumele sizilungise. Mhlawumbe umthwalo ubumkhulu emahlombe abadlali bagcina bethukile. Asiqalanga kahle, empeleni siqale kabi kakhulu. Sizozama ukufunda kulokhu futhi ngikholwa wukuthi sisazokwenza abantu bajabule ngomsebenzi wethu.”
Komunye umdlalo kuGroup A, iNetherlands izodlala ne-Ecuador ngo-6 ntambama.
KuGroup B, iWales izotholana phezulu ne-Iran ngo-12 emini bese i-England idudulana ne-United States ngo-9 ebusuku.
I-England inenebule i-Iran ngo-6-2 emdlalweni wayo wokuqala, kwathi i-United States neWales badlala ngokulingana ngo-1-1.