UMQEQESHI wePolokwane City, uPhuti Mohafe, uthi noma esesabalele amahlebezi okuthi umdlali waleli qembu u-Oswin Appollis ufunwa uthuli ngamaqembu amakhulu aseGauteng kodwa usazoqhubeka nokumbophela esikimini seqembu inqobo uma esamnika lokhu akufunayo ejimini.
U-Appollis (22) ongumdlali wasesiswini odle ngokushoshela phambili, nguyena kuphela umdlali wePolokwane obemele leli qembu eqenjini lesizwe iBafana Bafana eliqede endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast, ngoFebhuwari.
Nakuba edlale umdlalo owodwa esuka ebhentshini kwiBafana kwi-Afcon, lo mdlali kuvela ukuthi usephenduke inyama kwamanye amaqembu aseGauteng, kulandela ukushaya kwakhe into ecokeme kuleli qembu laseLimpopo kusukela kuqale le sizini.
“U-Oswin ungomunye wabadlali bethu abamqoka kule sizini futhi akungimangazi lokho okuvezwa ngabezindaba ukuthi ufunwa ngamanye amaqembu aseGauteng ngoba vele ungumdlali owenza kahle futhi ozimiselayo.
Noma ngingeke ngiphawule ukuthi akhona yini noma awekho amaqembu akhuluma naye, ngoba bengingakatshelwa muntu ngasohlangothini lwabaphathi, engingakusho mina wukuthi uma u-Oswin esazinikela ngale ndlela azinikela ngayo futhi esanginika engikudingayo ejimini, angisiboni nakancane isidingo sokungambopheli esikimini,” kusho uMohafe.
“Noma engalitholanga ithuba lokudlala imidlalo eminingi kwi-Afcon neBafana Bafana, ngikholwa wukuthi ukuba yingxenye yeqembu lesizwe emqhudelwaneni onjengalowa kumkhulisile njengomdlali futhi kuyabonakala nokwenyuka kwezinga lokuzethemba kuyena okuyinto esiyidingayo kuye njengeqembu.
Usazinikela ngendlela efanayo ejimini. Efanayo naleyo abezinikela ngayo engakayi kwi-Afcon, ngakho-ke iqembu liyamdinga.”
Lo mqeqeshi usho kanjena ngo-Appollis, leli qembu laseLimpopo kumasizini edlule like laba nomkhuba wokungabadlalisi abadlali obekuvela ukuthi bafunwa ngamaqembu aseGauteng.
Lokhu kwenzeka kuThobani Mncwango, kwaphinda kwaba ngesifanayo nakuCole Alexander.
Sekungumlando ukuthi u-Alexander okhuze ibuya kuleli qembu kule sizini esuka kwiHelsingoborg yaseSweden, ekusukeni kwakhe kwiPolokwane wajoyina iSupersport United, wadlulela kwiBidvest Wits, wabe esegijima kwiKaizer Chiefs.
U-Appollis ojoyine iRise and Shine ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiPretoria Callies edlala kwiMotsepe Foundation Championship, waqala ukubonakala kwiSupersport United eyamboleka kwi-University of Pretoria.
Kule sizini usenemidlalo engu-18 kuyo yonke imincintiswano, washaya amagoli amahlanu, waba ngumvusi wenyamazane kwamathathu.