UMQEQESHI weNigeria, uJose Perseiro, uthi libasebenzele iqhinga labo emdlalweni abawunqobile beguqisa osokhaya i-Ivory Coast ngo 1-0 emdlaweni kaGroup A we-Africa Cup of Nations (Afcon), ngoLwesine ebusuku, e-Alassane Outtara Stadium, e-Ebimpe.
Igoli enqobe ngalo iNigeria kulo mdlalo kube yiphenathi evalelwe phakathi wuWilliam Paul-Ekong ngesiwombe sesibili, bekade kudlaliswe kabi uVictor Osimhen.
INigeria beyize kulo mdlalo inengcindezi eyisimanga kulandela ukwehluleka kwayo ukunqoba emdlalweni wokuvula ibambana ne-Euquatorial Guinea. Lokhu kulandelwe wukunqoba kwe-Euqotorial Guinea ibhaxabula iGuinea-Bissau, yahlala eqhulwini kuGroup A.
Nokho iSuper Eagles ikwazile ukuvuka izithathe, yabuyisa ithemba kubalandeli bayo ngokuguqisa osokhaya i-The Elephants.
Lo mphumela ubeka iNigeria ethubeni lokwedlulela emzuliswaneni olandelayo womkhumulajezi njengoba isinamaphuzu amane ngokulinganayo ne-Equatorial Guinea eqhwakele kuGroup A ngenxa yomehluko wamagoli.
Ngakolunye uhlangothi lo mphumela uqongisa ingcindezi kosokhaya, i-Ivory Coast, ekutheni inqobe kumnyama kubomvu emdlalweni wayo ne-Equatorial Guinea ngoMsombuluko, e-Olympic Stadium, e-Ebimpe.
“Sihlanganise iqhinga, iqembu (abadlali) lakwazi ukulandela iqhinga ebesilibophile. Ngakho ngicabanga ukuthi siwunqobe kufanele lo mdlalo,” kusho uPerseiro.
“Emdlalweni wethu olandelayo kuzofanele siwulawule umdlalo, sibe nesibindi, futhi singazivumeli izitha zibe nesikhathi esiningi ebholeni kunathi.
Ngibadonse ngendlebe abadlali bami ukuthi bangakujabuleli kakhulu ukunqoba i-Ivory Coast ngoba sisalelwe yizinsuku ezimbalwa ngaphambi komdlalo wethu olandelayo. Ngibatshele kusukela ngosuku lokuqala (lomqhudelwano) ukuthi ‘kumele niyinqobe i-AFCON’.“
ISuper Eagles izobhekana neGuinea-Bissau, ngoMsombuluko ngo-7 ebusuku, eFelix Houphoet Boigny Stadium, e-Abidjan, emdlalweni wayo wokugcina esigabeni samaqoqo.