UMDLALI weqembu lesizwe leNamibia naMaZulu, uRiaan Hanamub, ubona umkhaya wakhe uPeter Shalulile weMamelodi Sundowns, ezoliqeda ishobolo lezwe lakhe lokuhlala liphuma esigabeni samaqoqo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), eqala ngoJanuwari 13, isongwe ngoFebhuwari 11, ngonyaka ozayo, e-Ivory Coast.
IBrave Warrios iweliswe iCameroon eshaye iBurundi ngo-3-0 ku-Group C.
Lo mphumela wenze iCameroon yasonga iqhwakele ngamaphuzu ayisikhombisa, iNamibia yalala isibili ngamahlanu.
Kuzoba ngokwesihlanu ezikaHanamub ziba ingxenye yalo mqhudelwano. Bezigcine ukudlala kuwo ngo-2019, e-Egypt. Kweyandulela lo zazidlale eGhana ngo-2008, naseBurkina Faso ngo-1998. Kuyo yonke ziphume esigabeni samaqoqo.
Kwenzeka lokhu nje, ngo-2021, iNamibia Football Association (NFL) beyimise iNamibia Premier League (NPL) ngenxa yemibango.
Kusize iCourt of Arbitration for Sports (Cas) ngo-2021, esichithile isinqumo seNFL sokumisa ukuqhubeka kweligi kuleliya lizwe.
UHanamub odlala emuva ohlangothini lwesinxele, uthe ukungena kwezwe lakhe kwi-Afcon kusho lukhulu kubona bengabadlali nakwizakhamuzi zaseNamibia.
"Kuzoba ngokwesine siba ingxenye ye-Afcon. Eminyakeni edlule bekuphela iminyaka eyishumi sihluleka ukungena kulo mqhudelwano. Kuyathokozisa ukuthi manje sesingena kuwo emuva kweminyaka emine. Ngiyababongela abantu baseNamibia," kubeka uHanamub. Lo mdlali nomkhaya wakhe uDeon Hotto we-Orlando Pirates, bebedlala ngesikhathi izwe labo libambana neBafana Bafana kowobungani ngesonto eledlule. Ngenxa yokulimala uShalulile ubengekho.
UHanamub uthe ukuba nomdlali ofana noShalulile ezweni labo kuyisibusiso.
"Ngicabanga ukuthi sizokwenza kahle kakhulu e-Ivory Coast. Siya khona neqembu elinesipiliyoni. Ukhumbule ukuthi nakobuse-Egypt besikhona. Kulokhu sifuna ukudlulela esigabeni somkhumulajezi. Uma kunomgadli ofana noShalulile kuba lula. Wenza ukuthi nathi siyizitobha silwele ukufa nokuphila ukuvikela osekungene ephaketheni lethu. Usenza sihlale sinokuzethemba," kuqhuba lesi sitobha.
Selokhu uShalulile abizelwa eqenjini lesizwe ngo-2014, useshaye amagoli awu-14 emidlalweni ewu-35. Kweyokuhlungela i-Afcon yase-Ivory Coast unamathisele enethini amane.
UHanamub ojoyine uSuthu ekuqaleni kwesizini edlule ephuma kwiChippa United, wale waphetha ukuphawula ngamahebezi abemumatanisa nePirates ngaphambi kokuqala kweka-2023/24.
"Anginawo amandla okukhuluma ngalolu daba. Ngiwumdlali waMaZulu futhi ngizimisele ngokuwalwela ngakho konke. Ngizosebenza kanzima ngoba angazi ukuthi uNkulunkulu ungibekele ini. Ngihlale ngimethemba. Ngihlale ngikubalekela ukuzifaka esimeni esizongenza ukuthi ngingawugxilisi ngokuphelele umqondo wami lapho ngisebenza khona. Yebo kuyiphupho lawo wonke umdlali ukudlalela amaqembu amakhulu. Uma kungenzeki yintando kaNkulunkulu. Okuhle ukuthi naMaZulu ayiqembu elikhulu. Ngijabule kuwo, baningi abadlali abafisa ukuba kuwo,“ kusho uHanamub.