UMQEQESHI weMorocco, uWalid Regragui, ukholwa ukuthi ukudla isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon), yikhona okuzobafaka isigxivizo sokubalwa njengelinye lamaqembu esizwe ayibekile induku ebandla ebholeni lase-Afrika.
Lo mqeqeshi ukusho lokhu esithangamini nabezindaba ngemuva kokulala indawo yesine koweNdebe yoMhlaba esongwe eQatar, ngempelasonto edlule.
IMorocco eseqoqweni elifanayo neBafana Bafana kweyokuhlungela i-Afcon ezokuba se-Ivory Coast ngo-2024, igile izimanga eQatar, iguqisa amaqembu ahlonishwayo njengeSpain nePortugal, endleleni yayo ephelele emdlalweni wokuhlungela indawo yesithathu.
IMorocco ihlulwe iCroatia ngo-2-1 emdlalweni wokulwela izindondo zethusi.
Ukuba yiqembu lesizwe lokuqala lase-Afrika ukufika kweyandulela eyamanqamu koweNdebe yoMhlaba akumanelisi lo mqeqeshi ophupha ngokukhonya i-Afrika aphinde enze kangcono kunalokhu abakwenze eQatar ngokuzayo.
“Ngemuva komdlalo (weCroatia), ngibatshelile abadlali ukuthi uma befuna ukubalwa nelinye lamaqembu esizwe ayohlale ekhunjulwa e-Afrika, kufanele bakhonye i-Afrika okuzoqala nge-Afcon ngo-2024,” kusho uRegragui ecashunwa iKingfut.com yase-Egypt.
I-Atlas Lions ayigcinanga ngokukhipha izinkunzi kepha idle iqoqo obekuboshelwe kulona iBelgium, okuyiwe eQatar ikleliswe endaweni yesibili kwiFifa.
“Ngokuzayo, simelwe ukwenza kangcono kunokufika kweyandulela owamanqamu ngoba sesikwenzile lokho. Lokhu ngeke kugcine ngokukhuphula kithina ukuzethemba kepha wonke amazwe ase-Afrika abonile ukuthi kuyenzeka.
“Manje isikhathi sokwamukela ukuthi senze into enkulu kangakanani futhi ebingalindelekile kithina kodwa lokhu akusho ukuthi sesiyanethezeka ngoba kunezwekazi okusafanele silikhonye,” kuqhuba uRegragui.
“Lokhu esikwenzile kufanele kusikhombise ukuthi ikusasa lebhola lase-Afrika liqhakaze kangakanani uma sisebenza ngokuzikhandla nokuthembela kokwethu.
“Sesizwile ukuthi kunjani ukusondela kowamanqamu weNdebe yoMhlaba ngakho-ke kukithina kanye namanye amaqembu esizwe ase-Afrika ukukhombisa ukuthi asigcini ngokukhuthazeka kepha siyafunda futhi siyakhula.
“Isinkulu ingcindezi kithina manje kodwa kuhle lokhu ngoba kuzokwenza namanye amazwe ase-Afrika ukuba azibuke ngendlela ehlukile.
“Sikhombisile kule Ndebe yoMhlaba ukuthi alikho izwe esingeke sikwazi ukumelana nalo emhlabeni kodwa kusekhona izinto ezincane okusafanele sizilungise ngaphambi kokuthi izwe lase-Afrika libe ngompetha bomhlaba,” kuphetha uRegragui kwiKingfut.
IMorocco idlalile neBafana emlenzeni wokuqala wokuhlungela i-Afcon, yanqoba ngo-2-1 ekhaya. La maqembu azophinde ahlangane kowokugcina eqoqweni ngoJuni wonyaka ozayo.