MANCHESTER UNITED v CHELSEA
E-OLD TRAFFORD, EMANCHESTER
KUSASA NGO-6.30PM
ENGLISH PREMIER LEAGUE
YIZE iManchester United, neChelsea beyiqale ngendlela engagculisi isizini ka-2024/2025, ikakhulu iManchester ebhinjelwa kakhulu yizinto kodwa lisephezulu isasasa lokutholana phezulu kwala maqembu.
I-Manchester izokwamukela iChelsea emdlalweni weligi kusasa ngo-6.30 ntambama, e-Old Trafford. Lo mdlalo ubaluleke ngezizathu ezahlukene kuwona womabili amaqembu. IManchester iza kulo mdlalo isanda kwehlukana nomqeqeshi u-Erik ten Hag, ibhantshi eligcwale umoya ekuqaleni kwaleli sonto ngenxa yokuphikwa yimiphumela.
Njengamanje izintambo zokuqeqesha zibanjwe nguRuud van Nistelrooy obeyiphini likaTen Hag, ongumkhaya wakhe amlande ngoJulayi nonyaka.
UNistelrooy ubehlezi okokuqala ebhentshini leManchester ngesikhathi ibhaxabula iLeicester City ngo 5-2 kowe-Last 16 yeCarabao Cup ngoLwesithathu. Kulindeleke ukuthi aphinde ahlale futhi ebhentshini laleli qembu emdlalweni wakusasa neChelsea ecijwa ngu-Enzo Maresca.
URuben Amorim weSporting Lisbon yasePortugal, okhonjwa kwesokuqeqesha leli qembu lase-Old Trafford, kulindeleke ukuthi amenyezelwe maduze.
Ngakolunye uhlangothi, iChelsea iza kulo mdlalo ibuya esibhaxwini sika 2-0 esithole kwiNewcastle United kwiCaraboa Cup ngoLwesithathu. Izolwela ukugcina umgqigqo emidlalweni yePremiership ngoba kwemithathu yakamuva ishawe kowodwa yanqoba kowodwa, yadlala ngokulingana komunye.
Lokhu kuyibeka endaweni yesihlanu kwi-log, ngaphezulu kakhulu kuneManchester esezansi endaweni ka-14.
Ecashunwa yi-Football.London mayelana nokubamba okwesikhashana isikhundla sokuqeqesha iMan United, uVan Nistelrooy, uthe: “Sengibe sethimbeni labaqeqeshi izinyanga ezimbalwa futhi ngiyalibonga ithuba engilinikwe ngu-Erik ten Hag lokusebenza naye. Ngiphatheke kabi ngokushiya kwakhe kodwa umsebenzi kumele uqhubeke. Ngisho ngabe ngibambe okwesikhashana esikhundleni sokuqeqesha kodwa kusho lukhulu kimina ukuhola leli qembu engilithandayo. Ngiyethembisa futhi ukuthi ngizoqhubeka nokusebenza ngokuzinikela kunanoma yimuphi umsebenzi enginikezwa wona eqenjini.”
Ngaphandle kwalo mdlalo we-The Red Devils, ne-The Blues, eminye imidlalo ebhekiwe kule mpelasonto ngoweNewcastle ne-Arsenal, namuhla ngo-2.30 ntambama eSt. James’ Park, eLondon. Omunye ngoweLiverpool neBrighton & Hove Albion, namuhla ngo-5 ntambama e-Anfield. Kukhona noweManchester City neBournemouth, namuhla ngo-5 ntambama eVitality Stadium, eBournemouth.
Imidlalo ye-English Premier League:
Namuhla - ngo-2.30pm:
Newcastle United v Arsenal
ngo-5pm:
Liverpool v Brighton; Ipswich Town v Leicester City; Bournemouth v Man City; Southampton v Everton; Nottingham Forest v West Ham
ngo-7.30pm:
Wolverhampton v Crystal Palace
Kusasa - ngo-4pm:
Tottenham Hotspur v Aston Villa
ngo-6.30pm:
Manchester United v Chelsea