YIZE kubukeka kuyimidlalo enzima ebasalele ngaphambi kwekhefu lamaholide okuphela konyaka kodwa umdlali wasesiswini osemnkantshubomvu kwiTS Galaxy, uLindokuhle Mbatha, ukholwa wukuthi kumqoka ukubuya namaphuzu ukuze basuke endaweni abakuyona kwi-log yeBetway Premiership.
I-Galaxy esendaweni ka-12 kwi-log yePremiership, maphakathi nesonto iqede ishobolo lokunganqobi emidlalweni eyisithupha yeBetway Premiership, ibhuquzisa iSekhukhune United ngo 3-1 kowePremiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Lona bekuwumdlalo wokuqala iGalaxy lidlala engasekho umqeqeshi uSead Ramovic, omangaze abaningi elaxaza umsebenzi bukhoma kuthelevishini emasontweni amabili edlule.
Kulo mdlalo wangoLwesibili neSekhukhune, ebhentshini leGalaxy bekuhleli u-Adnan Beganovic obeyiphini likaRamovic.
“Besiyidinga kakhulu le wini esiyithole kwiSekhukhune. Ngikholwa wukuthi izovuselela ukuzethemba kubadlali ngaphambi komdlalo wethu olandelayo esiyowudlala nePolokwane (City) ngeSonto. Yize singayiqalanga kahle isizini kodwa sekuyaqala ukuhlangana manje. Sidinga ukwakhela kulo mphumelo weSekhukhune, siqhubeke nale ndlela esidlale ngayo bese sigwema amaphutha,” kusho uMbatha, odabuka eNaas Farm, eNewcastle.
IGalaxy izotholana phezulu nePolokwane City, ngo-5.45 ntambama e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Ngemuva komdlalo wakusasa nePolokwane, i-The Rockets izosalelwa yimidlalo emithathu ebukeka izoba nzima ngaphambi kwekhefu lokuphela konyaka. Izokwamukela AmaZulu FC ngoDisemba 7, ilandele ngomunye wasekhaya neKaizer Chiefs ngoDisemba 16, bese ivala unyaka ngowasekuhambeni neRoyal AM, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoDisemba 29.
“Le midlalo esisalele ngaphambi kokusonga unyaka ayilula neze uma ubheka ukuthi sisazodlala namaqembu anjengaMaZulu, Chiefs noRoyal AM adinga amaphuzu ngokufanayo njengathi. Nokho siyawadinga amaphuzu kule midlalo ukuze sisuke kule ndawo esikuyona njengamanje kwi-log kusakhanya ngoba kunzima kakhulu ukulwela ukusuka ezembeni uma sekuyophela isizini.”
UMbatha oneminyaka engu-39 obesohlwini lwabadlali abachithwayo kuleli qembu ngemuva kokuphela kwesizini edlule, uphinde wabuyiswa ngenxa yamava akhe. Ubanga indawo nabadlali abasebancane okubalwa kubona uSphiwe Mahlangu, Thamsanqa Msiya, Komogelelo Sebelebele, noPuso Dithejane.