UMGADLI weTS Galaxy, uVictor Letsoalo, ukholwa wukuthi usengakuphinda akwenza kumasizini amathathu edlule, ehlohla amagoli amaningi inqobo nje uma engawasebenzisa ngendlela amathuba awatholayo phambi kwamapali.
ULetsotalo (31), okuyisizini yakhe yokuqala eka-2024/2025 kwiGalaxy ayijone ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kuMaZulu FC, ngomunye wabadlali ethembele kubona ukuthi bayisize yenze kangcono. Leli qembu laseMpumalanga liqede kwi-Top 8 okokuqala selokhu laqala ukudlala esigabeni seBetway Premiership.
Ngesizini ka-2021/2022, uLetsoalo owayegijima kwiRoyal AM ngaleso sikhathi, wavalela phakathi amagoli angu-15. Walala isibili kuPeter Shalulile weMamelodi Sundowns owakhala wemuka ne-Lesley Manyathela Golden Boot ngamagoli angu-23.
“Kuyangijabulisa ukuthi ngisheshe ngafika ngazinza lapha kwiGalaxy. Osekusele manje wukuthi ngilwele ukubuyela efomini yami yokushaya amagoli okuyinto engiqashelwe yona. Noma ngisashaye igoli elilodwa kodwa nginethemba elikhulu lokuthi ngisazowashaya amanye njengoba sengitholana kahle noZajmovic (Dzenan) noSphiwe (Mahlangu),” kusho uLetsoalo.
“Ngikuqonda kahle ukuthi amasizini awafani kodwa mhlawumbe futhi ngisengenza okungaphezulu kwengakwenza ngesizini ka-2021/22, ngishaya amagoli angu-15 inqobo nje uma ngizokwazi ukuwasebenzisa ngendlela amathuba engiwatholayo phambi kwamapali. Lokho kodwa akusho ukuthi kufanele ngibe nomhobholo ngifune ukuzishayela mina igoli noma ekhona omunye umdlali wangakithi osendaweni enhle.
Kufanele sisebenze ngokubambisana ukuze sitholele iqembu imiphumela emihle, hhayi ukuzidlalela ngasodwana.”
UZajmovic ongumgadli odabuka eBosnia okuyisizini yakhe yokuqala kwiGalaxy, usevalele amagoli amane emidlalweni eyisishiyagalolunye asayidlalile kuyo yonke imiqhudelwano.
IGalaxy eqale isizini ngebatha, kubukeka isiqalile ukuwuthola umgqigqo muva nje ngaphansi komqeqeshi, u-Adnan Beganovic, njengoba emidlalweni emine ngaphansi kwalo mqeqeshi othathe izintambo kumkhaya wakhe uSead Ramovic, isinqobe imidlalo emibili yadlala ngokulingana kwemibili.
Ngemuva kokubambana ngo 1-1 neKaizer Chiefs ngoMsombuluko, i-The Rockets izobuyela ensimini ngokubhekana neRoyal AM ngoDisemba 29, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
“Ifomu esikuyona njengamanje igqugquzela bonke abadlali eqenjini ekwenzeni okungcono uma besenkundleni. Umdlalo nomdlalo esiwudlalayo sisebenzela ukubuya namaphuzu okuyinto esifuna ukuyenza nasemdlalweni wethu wokugcina neRoyal AM. Inhloso wukwenza kangcono kunangesizini edlule.”