ONGUMQEQESHI weDlala Ntombazane FC edlala kwiSasol League neqembu lika-U/15 le-Edendale Technical High School, uNtombifuthi “Muchichwa” Khumalo, uthe nakuba kuyiphupho labaqeqeshi abaningi ukuqeqesha eqenjini lesizwe, inhliziyo yakhe isekucijeni abadlali abasakhula nabayikusasa lamaqembu esizwe akuleli.
UKhumalo wahola ngempumelelo iqembu lebhola lika-U/15 lamantombazane i-Edendale High linqoba isicoco seCaf U/15 Schools Football Championship ngokuguqisa elaseMorocco ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ngoMeyi, eZanzibar.
Lo mqeqeshi waseMgungundlovu oya ngokuya edlondlobala kwezokuqeqesha, muva nje ubephakathi kwabaqeqeshi abangu-25 abasanda kuphothula izifundo zokuqeqesha zeCaf B Licence, ebezibanjelwe eKurhuleni, eGoli.
“Ngikholwa ukuthi kubalulekile kakhulu ukuzithuthukisa njengabaqeqeshi, ikakhulukazi thina esiqeqesha emazingeni aphansi. Sithuthukisa izingane ukuze singasaleli emuva ngolwazi lokuqeqesha oluhlale lukhula emhlabeni. Ngakho-ke kusho lukhulu kumina ukuphumelela ukwenza lezi zifundo, engikholwa wukuthi zizokwenza umehluko ekuqeqesheni kwami,” kusho uKhumalo.
Ungomunye wabaqeqeshi besifazane abambalwa abaqeqesha emaqenjini adlala kwiSafa KZN Sasol League.
Uthe iNingizimu Afrika ingafunda lukhulu ezweni laseMorocco, ngasohlangothini lokuphekwa kwabadlali abasakhulayo, yingakho lihlale lihamba phambili emiqhudelwaneni yebhola labadlali abasakhula e-Afrika.
“AbaseMorocco kwabaphatha kabi kakhulu ukuhlulwa yithi kwiCaf Under 15 Schools Football Championship, futhi kube kufanele ngenxa yokuthi bayazazi ukuthi bahamba phambili ngezinsiza kusebenza ekuthuthukiseni abadlali abasakhula.
“Abadlali ababebhekene neqembu lethu kowamanqamu, baziqeqesha esikhungweni esisezingeni eliphezulu (High Performance Centre), okuyinto thina la eNingizimu Afrika, esisasilele kakhulu ngayo kubadlali bethu bebhola abasakhuliswa.
“Phezu kokuba sisilele emuva ekuthuthukisweni kuleli lakithi, kodwa sibusiswe kakhulu ngethalente eliyisimanga.
Lokho kungenza ngingabi nakho nokuncane ukungabaza ukuthi uma singalungisa uhlelo lwethu lokuhlonza ithalente nokuthuthukisa abadlali bethu abasakhula eNingizimu Afrika, nakanjani singayiwina iNdebe yoMhlaba yeFifa ka-Under 17.”
UKhumalo obuye alekelele ithimba labaqeqeshi lika-Under 17, Abantwana, eliholwa nguNthabeleng “Dunga” Modiko, uthe inhliziyo yakhe iyohlale isekuthuthukiseni abadlali abayikusasa lezwe.
“Le yisizini yethu yesibili kwiSasol siyiDlala Ntombazane kodwa indlela abadlali bethu abakhombisa ukudlodlobala ngayo phezu kweminyaka yabo yobudala, ingihlaba umxhwele nethimba lami labaqeqeshi.
“Ngikhuluma nje kunezinye izingane ezidlala kwiWomen’s Regional League, iDlala Shumi, nazo eziza kabi, ezizokhushulelwa eqenjini elikhulu leSasol esikhathini esingengakanani.
“Ngamafuphi nje, ukusebenza nabadlali abasebancane yinto esenhliziyweni yami ukwedlula konke okunye ekuqeqesheni, okuyingakho iphupho lami elikhulu kuwukusebenza nabadlali abasakhula esikhungweni esinezinsiza kuziqeqesha esisezingeni eliphezulu, ngelinye ilanga.
“Ukuba yinhloko yomqeqeshi kunanoma yiliphi iqembu lesizwe labesifazane eNingizimu esikhathini esizayo, noma-ke ukuqeqesha esigabeni esikhokhelayo, sekungaba yibhonasi nje kumina.”