UMQEQESHI weCape Town City, u-Eric Tinkler, ufuna basebenzise ukwehla komgqigqo weLamontville Golden Arrows ukubuya namaphuzu agcwele eThekwini ngempelasonto.
I-The Citizens izovakashela Abafana Bes’thende emdlalweni weDStv Premiership eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngeSonto ngo-5.45 ntambama.
Lo mdlalo ngowamagqubu kwazise i-Arrows ikhiphe iCity kuCarling Knockout emasontweni adlule kuyona le nkundla. Nokho izinto sezishintshe kakhulu manje kwazise sewehlile umgqigqo i-Arrows eqale ngawo isizini.
Kade iqhubeka nawo emuva kokuthatha izintambo zokuqeqesha kukaMabhuti Khenyeza. Abafana Bes’thende basehlulwe kuyona yonke imidlalo abayidlale ngoNovemba. Bagcina ukuwina ngo-Okthoba 28 behlula iKaizer Chiefs koweligi. Emuva kwalokho bahlulwe ngaMaZulu koweCarling, bathola isibhaxu kubakhaya iRoyal AM. Emasontweni amabili adlule, baphinde bakhala ngaphansi kuMaZulu koweligi.
Ngakolunye uhlangothi, iCity, isiwine imidlalo yeligi eyisihlanu ilandelana. Kule midlalo kubalwa eshaye kuwona iKaizer Chiefs eFNB Stadium. Empeleni abafana bakaTinkler bagcina ukwehlulwa koweligi ngoSepthemba 17 bethelwa othulini ngaMaZulu.
“Sizobhekana neqembu elihlala linzima kithina nakuba silehlulile kumasizini adlule kodwa imidlalo ihlala inzima kakhulu. I-Arrows isanda kusehlula kwiCarling Cup kodwa siwine imidlalo eyisihlanu ilandelana. Ngakho sidinga ukuya kulo mdlalo sinokukholwa, ukuzethemba nomdlandla omkhulu. Kodwa futhi akufanele sizikhukhumeze,” kusho uTinkler ethimbeni labezindaba leCity.
“Bahlulwe emidlalweni emithathu ilandelana. Ukuzethemba kwabo nomdlandla akukho lapho okufanele kube khona. Ngakho kufanele sikusebenzise lokho, senze isiqiniseko sokuthi sishaya into ecokeme, siqinisekise ukuthi siyazama ukubuya namaphuzu agcwele. Kodwa njengoba ngishilo, ngeke kube wumdlalo olula.”
Nakuba uTinkler egcwele ukuzethemba kodwa kungenzeka ukuthi ikhefu liyisebenzele i-Arrows okungangabazeki ukuthi ifuna ukubuyisa umgqigqo wayo. Ukwehlulwa kwayo emidlalweni emibili yeligi ilandelana, kuholele ekutheni yehlele endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-20 emidlalweni engu-11. ICity isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-22 emuva kwemidlalo engu-12.