UKUGQOZA kwamagoli kwiKaizer Chiefs, ehlehla nyova kwi-log yeDStv Premiership, kungase kuphoqe u-Arthur Zwane ukuba aphonse umgadli wakhe omusha, uChristian Salie Basomboli, koweRoyal AM ngeSonto ngo-5.30 ntambama ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
UBasomboli (22), odabuka eDemocratic Republic of Congo (DRC), umenyezelwe yiChiefs muva nje njengomdlali wayo wokuqala ukufika njengoba kuvuleke iwindi lokushintshana ngabadlali.
Lo mgadli ufika kwiChiefs nje usuka kwiNchanga Rangers edlala kwiZambian Super League.
Ngokujwayelekile umdlali uqale anikwe ithuba lokuzijwayeza nakho konke okusuke kukusha kuyena kodwa uma kuzoya ngokwenkulumo kaZwane, ayenze esithangamini nabezindaba emuva kokushaywa yiMamelodi Sundowns, uBasomboli angase abonakale uma sebebhekene neThwihli Thwahla (esibaphendule amathofi muva nje kweyeligi).
“Yize singazimisele ngokumethwesa ingcindezi umgadli wethu omusha kodwa siyafisa ukuthi athi eqala avele acacise ngoba lokho kuzoba wusizo kithina,” kusho uZwane eFNB Stadium.
“Asifuni kubukeke sengathi amagoli abhekwe kuyena yedwa ngoba siyakholelwa ekutheni laba badlali abakhona kwiChiefs banawo amava okushaya amagoli. Ikhona nje ukuthi asaphika okwamanje.”
Nakuba kuqale kwaba sengathi kuyathembisa koCaleb Bimenyimana no-Ashley du Preez kodwa ukulimala kwabo nokwehlelwa yifomu kuyiphazamisile iChiefs.
Lokhu kufakazelwa wukuthi emidlalweni yamaKhosi yeligi engu-17, isayibhakuzise amahlandla angu-18 inethi.
Ifomu yakamuva yeChiefs, eshaywe yiSekhukhune United, AmaZulu FC neSundowns ngamagoli ayisithupha ekubeni yona ingazange ilithole igoli, iyamphoqa uZwane ukuthi azame konke abengakakuzami.
“Kungiqinisa idolo ukuthi siyafika ezintini bese kuba yilapho kuthomba khona okhiye kodwa ukube asisafiki neze ezintini zezitha, ngabe ngiphatheka kabi,” kusho uZwane ngethemba.
Kusenjalo Amakhosi awakhahlele ngazo zombili amahlebezi okuthi ingase ibhekane nolaka lweFifa okuthiwa isikaza ukuvala ukusayinisa abadlali amasizini amabili.
Indaba iqalwe yiChicken Inn yaseZimbabwe, esole iChiefs ngokungasigcini isethembiso sokuyihlephulela kwekuthole ngokudayisela iqembu laseTurkey (Yeni Malatyaspor), isitobha uTeenage Hadebe.
IChiefs ikhiphe isitatimende ngoMsombuluko ebusuku ikuphika ukuthi ilengela eweni lokuhlawuliswa yiFifa.
“IChiefs iyakuphika lokhu esolwa ngakho yiChicken Inn ngoba awukho umbandela ewuphulile ngesikhathi idayisa uHadebe ngo-2019,” kusho ingxenye yalesi sitatimende.