YIZE esahlabeke umxhwele ngendlela ezakhe ezisayibambe ngayo kuze kube manje umqeqeshi weCasric Stars, uSundra Govender, kodwa ukholwa wukuthi usemningi umsebenzi osabahlalele ngaphambi kokuba baqale ukucabanga ngesicoco seligi yeMotsepe Foundation Championship.
I-Casric evule isizini ngesibhaxu emdlalweni wayo wokuqala wesizini ibhaxabulwa yiDurban City, iwine emidlalweni emine elandelile. Lokhu kuyenze yahlala kwi-log yeChampionship.
Ilandelwa eduze yiMilford FC, neDurban City endaweni yesibili neyesithathu ngokwehlukana ngamaphuzu angu-11.
I-Casric ibuyela ensimini kusasa ngo-3 ntambama, lapho izobhekana neBaroka FC, eGlobal Stadium, eLebowakgomo.
Leli qembu laKwaNdebele, eMpumalanga, ligqishe abadlali abanamava okubalwa kubona uYagan Sasman owayedlalela iKaizer Chiefs neMoroka Swallows, uLelethu Skelem wodumo kwiStellenbosch FC neMaritzburg United, nomgadli osefomini uDecide Chauke ohlohle amagoli amabili ngeledlule beguqisa i-Orbit College ngeledlule.
“Ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi ngihlabeke umxhwele ngokuthi umgomo ebesizibekele wona wokuqoqa okungenani amaphuzu angu-11 emidlalweni emihlanu yokuqala, ufezekile saze sabhansela ngelinye iphuzu ngaphezulu. Imidlalo emihlanu yokuqala yesizini ibaluleke kakhulu ebholeni futhi yiyona eninika umkhombandlela njengeqembu ukuthi nibhekephi. Ngenkathi sishawa yiDurban City emdlalweni wethu wokuqala eThekwini, angikhathazekanga ngoba ngabona ukuthi asishawanga ngoba singadlalanga kahle kodwa sashawa ngamaphutha ethu,” kusho uGovender.
“Noma ngisajabule ngendlela abafana abasayibambe ngayo njengamanje kodwa bakuqonda kahle ukuthi usemkhulu umsebenzi, luselude ukhalo olusazohanjwa. Kuzasosetshenzwa. Inhloso enkulu ukuqeda umzuliswano wokuqala wesizini singaphumile kuTop 3, ngoba inhloso wukulwela isicoco kule sizini, hhayi okunye.”
Ephawula ngomdlalo neBaroka, uGovender uthe: “Umdlalo onzima esiyowudlala neBaroka esikhombisa okukhulu ukuhlangana njengamanje kodwa inhloso ukulwela ukubuya namanye amaphuzu nakuwo lo mdlalo.”
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla - Ngo-3pm:
Leruma United v Cape Town Spurs (Lucas Moripe Stadium); Milford v Highbury (Princess Magogo Stadium); Black Leopards v Hungry Lions (Thohoyandou Stadium); Kruger United v JDR Stars (Mbombela Stadium); Orbit College v Pretoria University (Olympia Park); Upington City v Venda FC (Mxolisi Dicky Jacobs Stadium)
Kusasa - Ngo-3pm:
Pretoria Callies v Durban City (TUT Stadium); Baroka FC v Casric Stars (Global Stadium)